Ezokungcebeleka

Ayancipha amathuba okubuya kwaSiya Mhlongo oKhozini FM

ABUKEKA eshabalala amathemba okubuyela kwaSiyabonga “Siya” Mhlongo emsakazweni uKhozi FM.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMhlongo ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza owesilisa “oyisinqandamathe sakhe”.

Leli cala selidlulele esigabeni sokuqulwa nokuphakanyiswe umhla ka-25 Ephreli kulo nyaka nokuyinto enciphisa amathemba wokubuyela emsakazweni.

Abasakazi abaningi kumanje banezingxioxo nabaphathi mayelana nezinkontileka ezintsha kwazise ziyaphela kule yanga.

Imantshi uMhlonipheni Sibiya iluvumele lolu suku, oluphakanyisiwe yaliguqisa icala.

UMhlongo usolwa ngokushaya isisulu ngebhodlela ebusweni wasilimaza.

Isisulu sadalula ukuthi uMhlongo wavukwa yisikhwele ngemuva kokuba sivaleliswe ngomunye wabangani baso wesilisa, ababehlezi naye endaweni yobumnandi emgaqweni uFlorida, eThekwini.

Sathi lo wesilisa wathi “mncwa mncwa” ebhekise kuso, naso saphendula kanjalo, okuyikho okwanenga uSiya wavutha engabaselwe.

Phambilini uMhlongo wazichitha lezi zinsolo yize kwakunama video akhombisa esemotweni encenga lo wesilisa ukuba angene kuyona ukuze amphuthumise esibhedlela.

Kusuka kulezo zinsuku uMhlongo akabange esezwakala emoyeni kuze kube yimanje.

Imithombo yangaphakathi emsakazweni yaveza ukuthi ukuthi ngasekuqaleni kwaNovemba wonyaka ophelile uMhlongo waya oKhozini eyocela ukubuyiselwa emoyeni kodwa iziphathimandla zamtshela ukuthi udaba lwakhe luyokhulunywa uma kuphothulwa icala.

Kuthiwa abaphathi balimisa ngesihloko elokuthi uma icala limlahla kuzobe kuphelile phakathi kwakhe nalo msakazo.

Related Articles

Back to top button