
Kulindwe imiphumela kadokotela kusomahlaya ‘ozibulele’
SINZIMA isimo emndenini wasomahlaya u-Ebenhaezer Dibakwane ozibulele ngenxa yokwehlulwa ukhwantalala.
Umndeni wakhe uthi kulukhuni kusatshe ukubhekana nalesi simo.
“Njengamanje ubufakazi bukhomba ukuthi u-Ebby uzibulele. Nokho sisalinde ukuzwa uma sesihloliwe isidumbu. Sisamangele namanje ukubona uthando enisinika lona nisiduduza kuleli lifu elimnyama elisehlele,” kusho isitatimende.
Le nsizwa u-Ebenhaezer Dibakwane beyaziwa ngokuhlekisa abantu kodwa yona ifa ukhwantalala.
“Nakuba lesi sigameko sibuhlungu kodwa kumele sisikhuthaze ukubuzana njalo impilo. Siphinde sizinakekele sithole nosizo lokululekwa ngokomqondo uma kufanele,” kuqhuba isitatimende.
Umndeni uphinde wakhuthaza wonke umuntu ozithola ebhekene nale nkinga yokhwantalala noma ofikelwa umqondo wokuzibulala ukuthi axhumane nezikhungo ezifanele.
“Sithanda ukubonga abangani ba-Ebby nakade esebenza nabo ngokuhlela imicimbi eyahlukene ukumkhumbula,”
Ushone ngoLwesihlanu eneminyaka engu-31 ubudala.
Umngcwabo uzobanjelwa e-Unlimited Church eMbombela eMpumalanga ngoLwesihlanu kusukela ngo-7 ekuseni.
Kushona u-Ebby nje kuyakhalwa nxazonke ngokudlula emhlabeni kwaphuma langa sikothe wentokazi ebisizakhele udumo endimeni yomculo kamaskandi, uZamaweza “Zulu Glamour” Mthalane (35).
Umufi udlule emhlabeni esibhedlela iPixley kaSame emuva kokukhala ukuphathwa ikhanda.
UZulu Glamour ubezalwa eMabomvini, KwaMaphumulo.
Umfowabo kamufi uSphiwe Mthalane ukuqinisekisile ukudlula emhlabeni kadadewabo.
Ucashunwe kwabezindaba ethi umufi ubekhala ngekhanda kusukela emasontweni amabili edlule.