Ancelotti uchaza ngokubenze bangena kowamanqamu
Siwe Shozi
IReal Madrid iguqise iFC Bayern Munich ngamagoli amabili kwelilodwa kumlenze wesibili we-UEFA Champions League. Lo mdlalo ububanjelwe eSantiago Bernabeu Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Ziye ekhefini ingekho efuna ukugoba uphondo kodwa ngomzuzu ka-68 yalivalela phakathi Bayern nokube yigoli elize no-Alphonso Davies.
Lokho kwenze umqeqeshi uCarlo Ancelotti enze ushintsho afake uJose Sanmatin odume ngelika Joselu.
Ukufaka lomgadli uthi kumsebenzele kakhulu yize enesikwati ebesiqinile. Lokho kwenze bazibekela indawo komawanqamu ngoba bebengasazitsheli ukuthi basengakwazi ukufaka igoli lokulinganisa. Yize nje enomlando wokuthi akaze awalahle amaphuzu uma edlala naleli qembu.
IMadrid izobe isitholana phezulu nomkhaya beBayern i-Borrussia Dortmund ngoJuni eWembley Stadium. IMadrid iyakulo mdlalo izinto ziyihambela kahle njengoba isanda nokuwina ne Ligi yakhona ezweni laseSpain.
Umqeqeshi weBayern Munich uThomas Tuchel naye uphawulile ngomdlalo wayizolo ekhuluma esithangami sabezindaba.
Ukhale ngokuthi iMadrid beyinokwenzelelwa unompempe. Yikho iwinile, wakhala nangegoli lika Joshua Kimmich eliphikwe iVAR. Nabalandeli baleli qembu ngokunjalo bakhale kakhulu ngonompempe, uTuchel seke wayinqoba naye lendebe neqembu laseNgilandi iChelsea FC.