Ezemidlalo

Injabulo kubuya owama Stomers ekulimaleni

Siwe Shozi

KULINDELEKE ukuthi enze ezibukwayo umdlali wamaDHL Stomers obelimele, odlala indawo yokuba iprop njengoba bezobhekana neqembu lama Dragons.

Ukulimala kwaSthembiso “Sti” Sithole kuholele ekutheni iStomers ibe nengcindezi yokuqoka umdlali ongase avale indawo yakhe njengoba u-Ali Verimak noLizo Gqoboka abadlala indawo efana neyakhe bebekade belimele.

Kube sekuphoqeleka ukuthi balande uLeon Lyons obekade ebolekisiwe eqenjini lama Griquas.

Abanye abadlali ekubhekwe ukuthi babuye ekulimaleni u-Angelo David’s ozovala indawo kaBen Loader, Sancha Mngomezulu, Jean du Plesis owalimala ngoDisemba wangonyaka odlule ngesikhathi bebhekene nomkhaya amaVodacom Bulls.

UWandisile Simelane naye uzowuqala umdlalo asize uDu plesis, uDamien Willemse oyinkakha yamaBhokobhoko yena angeke adlale kulo mdlalo ozoba eNewport.

Ziningi izinguquko ezenziwe amaStomers ngoba nakubadlali abadlala phambili bezofaka uWillie Engelbecht ozobe edlala umdlalo wakhe wamashumi amahlanu.

Leli qembu lase Kapa kulindeleke nokuthi lemuke nawo lomdlalo ngosizo lwakhe uSti, ukuze basuke lapha endaweni yesihlanu.

USti ngoLwesine ubonakele ezilolonga namaStomers belungisela umdlalo wabo, uthe usekulungele ukudlala futhi uzibona eseluleme ngokwanele

Imidlalo ekusasa yeVodacom United Rugby Championship: Dragons vs DHL Stomers

Edinburgh vs Zebre Parma

NgoMgqibelo:Vodacom Bulls vs Glascow

Scarlets vs Warriors Ulster

Hollywoodbet Sharks vs Benetton

Related Articles

Back to top button