Izindaba

Umhlahlandlela ngecala likaZuma ne-IEC enkantolo

Liyah Mseleku 

LILALELWA namhlanje icala elifakwe i-IEC eConstitutional Court ukubuyekezwa kwesinqumo senkantolo yezoKhetho eyakhipha phambili uMnuz Jacob Zuma.

Phambilini i-IEC yakhipha isinqumo sokuthi uZuma kumele akhishwe ohlwini lwabazomela iqembu leMK Party ePhalamende ngoba watholakala enecala lokudelela iNkantolo wagwetshwa izinyanga ezingu-15.

UZuma uzobe egadla ngethimba labammeli eliqinile eConstituition Court liholwa uAdv Dali Mpofu SC, Adv Mawande Seti-Baza, Adv Lerato Moela no-Adv Philisiwe May.

USihlalo wekhomishini uMosotho Moepya uthi ukholwa wukuthi uma isinqumo singaphumi ngaphambi kosuku lokhetho lokho kuyoshiya ukungabaza nokuthembeka kokhetho.

Ekhuluma ne-Newzroom Afrika uthe: “Uma kuthiwa simkhiphile ohlwini ngoba sidlulise icala bese iConCourt ithi cha kwakungafanele akhishwe lokho kuyosho ukuthi siphambene nomthetho. Ngakolunye uhlangothi uma simdedela Kanti bekungafane icala nalelo. Kumele senze okufanele,” usho kanje.

Uphinde wazeva ukuthi uMthetho Sisekelo wakuleli uvimba noma ngubani oseke wagwetshwa ngaphezulu konyaka ngaphandle koshwele wokukhokhiswa inhlawulo ukuba ilunga lePhalamende. Inkantolo kumele isisize siqonde kabanzi isigaba 47(1)(e) ukuthi sisebenza kanjani.

Khonamanjalo ikhomishini yokhetho kuleli isanda kuvuma uMnuz Jacob Zuma njengomengameli nobuso weqembu, yathi ayihlangene nezimpi zangaphakathi. Isho kanje iphendula incwadi efakwe Mnuz Jabulani ethi ayimsuse uZuma ngoba lenhlangano yeMK Party yasungulwa uyena.

Ukhetho lukazwelonke lungo Meyi 29 kulo nyaka.

 

 

Related Articles

Back to top button