Ezokungcebeleka

UNasty C uthi akanantanga kwiHip Hop uye indlondlo

Uthi angabhekana noma ngubani akasabi muntu

Siwe Shozi

UMCULI weHip Hop uNsikayezwe Ngcobo odume ngelika Nasty C uthi akakamboni umculi ongamunikeza inkinga masekuza ekuculeni lolu hlobo lomculo. Uthi angabhekana noma ngubani.

UNasty C usho kanje kwenye yama Podcast egxile ezindabeni zabaculi.

“Angisho ukuthi nginswempu eNingizimu Africa kodwa angimboni umculi ongangenza ngigodole. Uma ubhala nami ngiyabhala, lokho angikusho kuphela kubaculi base South Africa nasemhlabeni jikelele,” usho kanje.

Lo mculi ungowukazalwa eLovu, eThekwini futhi useminyakana eyibambile endimeni yomculo kanti akayena nje umculi kuphela uphinde abe umbhali womculo futhi awadidiyele.

Uthi uyavuma wonke umculi uphiwe ngendlela yakhe kodwa yena ubesabona bekhala ngaphansi uma eqhathanisa indlela abhala ngayo nezinga aselihambile kulomculo.

Ebuzwa ukuthi ngubani ongamnika inkinga emhlabeni jikelele. Uveze ukuthi phesheya kwezilwandle bakhona abaculi abayinkinga angakwazi ukumelana nabo.

Ubale u Jay-Z noJ.Cole athi akukho lula neze ukuthi uwuqonde umculo wabo nangendlela ababhawubhala ngayo.

Kudingeka uze ube umlandeli oqavile ngempela weHip Hop, uma ungayena akulula neze.

Uthi abanye abaculi abazinze phesheya angamelana nabo abaculi abafana naboDrake, Hov, Kendrick Lamar noEminem.

Uyiphethe ngokuthi mengase benikwe ithuba ndawonye kuthiwe ababhale noma ngabe hloboluni lomculo ngeke lokho kumehlule nakancane.

Phakathi kwezingoma ezishisayo aseke wazikhipha kubalwa iHell Naw, Lemonade, SMA, Eazy, No More nezinye.

Related Articles

Back to top button