Ezokungcebeleka

Umculi kaMaskandi uKhuzani uhlabene eqokwa i-OMO

Bahle Mkhize 

UHALALISELWA abaningi umculi kaMaskandi uKhuzani Mpungose ngokuqokwa inkampani yensipho eyimpuphu i-OMO ukuba abe yingxenye yomkhankaso i#QinaNdoda.

Kulo mkhankaso i-OMO ibungaza amadoda ashintsha indlela abukwa ngayo, ukuzinakekela nokunakekela imindeni yayo.

UKhuzani usezakhele igama kuleli emculweni. Omunye umlando aseke wawuqopha kwaba ukugcwalisa inkundla iMoses Mabhida eThekwini. Kweminye imincintiswano kaMaskandi uyacelwa ukuthi angangeni adedele abanye ngoba kubonakala sengathi usezuze okuningi.

“Ngibongiseni! Ngiyazigqaja ngokuqokwa yi-@OMOSouthAfrica ukuba ngibe yingxenye yomkhankaso wayo obizwa ngokuthi #QinaNdoda lapho i-OMO ibungaza khona amadoda ashintsha indlela esibuka ngayo ukuzinakekela nokunakekela umndeni wakho. #QinaNdoda #UnbeatableWithOMO #Omo South Africa,” ubhale kanje ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesihlanu.

UThabani T-Man Shandu uthe: “Khuba wethu siyakubongela lokhu kusho ukuthi mina neSurf sesihlukene sengizosebenzisa insipho -OMO,”.

UHlangalezwe Mthethwa uthi uthi uma kukhona azokuthola nje kuhle kakhulu.

“Uma kukhona ozokuthola nje qhawe kubongwa okuncane kubongwa okukhulu. Sicela bafake isithombe sakho soyithenga mawala khuphuka, lapho mfana wase ma News,” ubhale kanje.

UZandi Fuze akasalanga ngaphandle embongela. “Ubusisiwe weKhuzani, izinhlanhla ziyakulandela,” eshaya ngezinqamulelayo.

Related Articles

Back to top button