Izindaba

Kuthungathwa owaseZim oduke namateku e-Adidas abiza 7 million eCato Ridge 

Iloli lificwe lome inhlama nomshayeli engabonwa nangokhalo

Aphe Gcwabe

KUTHUNGATHWA owesilisa odabuka eZimbabwe onyamalale ngesikhathi kuphangwa amateku e-Adidas enani lika-7 million kwiloli abelishayela.

Lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeke ngoLwesithathu eCato Ridge, kodwa size sabikwa izolo. Ngokombiko wenkampani yabaqaphi iReaction Unit South Africa (RUSA) ithi umnikazi weloli ubathintile ebazisa ngalo mshophi ngezithuba zantambama.

“Umnikazi weloli ube esethinta obesebenza ngaleso sikhathi obhekelele ukusebenza kwamaloli emgaqweni. Umazisile ngokudunwa kwecontainer engamamitha ayishumi nambili ubude wathumela nezithombe. Washo nokuthi leli loli lilahlwe eVerulam,” kusho iRUSA.

Le nkampani yonogada ayipholisanga maseko yathungatha leli loli alithola ku-Old Main Road uma ubheke eCanelands. Nokho bafike sekushaya umoya kwicontainer esentshontshwe wonke amateku.

“Umnikazi wenkampani ube eseyalelwa ukuthi itholakalephi iloli lakhe wafika ezozibonela usitshele ukuthi iloli lidunwe ngalapho kuthelwa ngakhona amafutha. Kuduke amateku angu-6900 e-Adidas,” kuqhuba abeRUSA.

USesethu Mbhele uphawulile ezinkundleni zokuxhumana wathi: “Niqasha ama Zimbabwean kodwa bekhona obhuti nosisi bethu beno Code 14, anifuni kukhokha angani, nizolunga ke abanigile labantu bokuhamba enihlezi nibaqasha”

Magaya Thomas uphawule ngokuhlukile eveza ukuthi ukuphangwa akusho lutho ngemvelaphi yakho.

“Ukuphangwa akuhlangane nokuthi udabukaphi. Nabantu balapha eNingizimu Africa bayaphangwa lokho akusho ukuthi sebeyizigebengu. Njengoba edukile nomshayeli usengatholakala efile noma esaphila. Musani ukubanga umsindo nize nibhece abantu ngobubende inyama bengayidlanga. Abanye benu abanazo ngisho izincwadi zokushayela iskuta lesi,” kuphawula uThomas.

 

 

 

 

 

 

Related Articles

Back to top button