Ezemidlalo

Umqeqeshi weRich Boys uyolwela ukubuya notho esigodini sika Maminzela  

UKanu uthi yize lomdlalo ungeke ubelula kodwa kukhona ukuzethemba ngoba basanda kuzitapela amaphuzu amathathu kuMaZulu

Siwe Shozi

UMQEQESHI weRichards Bay FC uVusumuzi Vilakazi odume ngelika Kanu uthi njengoba bezodlala neqembu le-Orlando Pirates bazolwela ukuthi okuncono babuye nephuzu.

AmaRich Boys azovakashela amaBhakaniya namhlanje esigodini sikamaminzela e-Orlando Stadium ngo-8 ebusuku.

Uveze ukuthi yize lomdlalo ungeke ubelula kodwa kukhona ukuzethemba okuncane ngoba basanda kuzitholela amaphuzu amathathu bebhekene nqembu laMaZulu, bathola nephuzu elilodwa bedlala nePolokwane City.

Uphinde wadalula nokuthi unalo iqhinga azolisebenzisa ukuze bangangenelwa amagoli. Uthi uzoqinisa kakhulu udonga lwakhe ukuqinisekisa ukuthi abayitholi indlela yokudlula abadlali beBhakabhaka.

Uma engawalahli kusasa amaphuzu ekuhambeni uVilakazi lokho kuzomenza anyukele kancane phezulu angazitholi eseyodlala amaPlayoffs.

Kule sizini ka2023/24 ama Rich Boys asawine imidlalo eyisithupha nje kuphela, badlala ngokulungana eyisithupha futhi bashawa kwengu 15.

AmaBhakaniya wona aya kulo mdlalo nje ahlezi kahle endaweni yesibili futhi kungenzeka bazibekele indawo kwimidlalo yeCAF Champions League ngesizini ezayo. Inqobo nje uma bengaphazamiswanga iStellenbosch FC.

AmaStellies bekuyiwo abehlezi endaweni yesibili nokuthe uma iPirates iguqisa iChippa United ngo 2-0 behlela endaweni yesithathu kwanyuka iPirates. Kwenzeka lokhu yize beshiyana ngephuzu elilodwa kuphela.

Imidlalo yokugcina ezodlalwa iRichards Bay FC namaqembu aseKapa iCapeTown City ngoMeyi 18 ne Stellenbosch FC mhla ka-25, leyo mdlalo iyo kanye ezocacisa ngekusasa leRichards Bay FC kuDstv Priemership.

Related Articles

Back to top button