
Usathuthumela uvalo owesifazane osinde ejuqwa owayeyisoka lakhe eCanelands
NgoFebhuwari isoka lalivulelwe icala lokushaya
Bahle Mkhize
KUBOSHWE amadoda amane abethumbe abasefazane abathathu ngenhloso yokuqeda ngezimpilo zabo.
Lesi sigameko senzeke emijondolo yaseCanelands eKZN.
Okuthusayo kuvela ukuthi oyedwa wabesifazane othunjiwe, ubethunjwe owayeyisoka lakhe ngenhloso yokumbulala. Lo wesifanaze utshele amaphoyisa ukuthi ngoFebhuwari wavulela icala lukushawa isoka. Manje bese lifuna ukumbulala ukuze ligqibe ubufakazi enkantolo.
“Sahlukana kukubi no…..(egagula igama lakhe). Wayengishaya ngakhetha ukuthi ngimvulele icala. Manje ubesefuna ukungibulala khona ezogqiba ubufakazi ngoba besekumele liyoqulwa icala,” usho kanje.
Ngokombiko weReaction Unit South Africa (RUSA) namaphoyisa laba besifazane bakhonjwe ngesibhamu basatshiswa nangemimmese ngasesiteshini sesitimela esingasebenzi. Kubikwa ukuthi bafakwe emjondolo thizeni nalapho bafike bashaywa kanzima izigebengu zisahlela ukuthi zizobagqiba kuphi uma sebebabulele.
Kusize ingane yentombazane (15) okuyiyo ekwaze ukweqa yahlaba umkhosi ibikela abeRUSA.
“NgeSonto ntambama kufike le ntombazane igijima isibikela ngalesi sigameko. Ichazile ukuthi bebezihambela nomngani wayo ninina ngesikhathi behlaselwa yila madoda amane. Ukwazile ukubona oyedwa njengalowo owayejola nonina. La madoda akhiphe izikhali abakhomba emjondolo oseduze. Babathumbe amahora amabili nesigamu beshaywa kanzima,” kusho iRUSA.
Le ntombazane ikwaze ukweqa ngoba ibilokhu ibelesele icela ukuya endlini encane, nalapho ithole khona intuba yokweqa.
Kulapho ke abeRUSA besekumele phezulu bafonela iSAPS Crime Prevention Unit baphuthuma endaweni yesigameko. Bafike bathola imimese, uhlobo lwesibhamu 9mm nezintambo abekuboshwe ngazo abagilwa.
Kuvele nokuthi imigulukudu edumile endaweni futhi eyaziwayo.