Ezokungcebeleka

Abaculi abafufusayo abahambe bayofesa: Oskido 

Uthi imbangela yalokho ukuthi umculo yinto yangezimpelasonto

Siwe Shozi

INKAKHA yomculi u-Oskido uthi abaculi abasafufusa abasayina ngaphansi kwenkampani yakhe uyabagqugquzela ukuthi bathole umsebenzi, bangagxili emculweni kuphela.

Uthi imbangela yalokho ukuthi useqaphele ukuthi umculo yinto yangezimpelasonto kuphela.

U-Oskido ubekhuluma kwenye yama Podcast uthe umculi mewabona sengathi kuhamba kahle emculweni, uvele abone ukuthi sekuyiyona ndlela azoziphilisa ngayo le.

“Laba culi bamanje sebevele bafune abantu abazobaphushela umculo wabo ukuthi udume. Uma nje lomuntu amqashile engakwazanga ukumtholela umsebenzi uvele adinwe aganwe unwabu. Okunye wukuthi abaculi uma beke babona sengathi sebeqala ukuduma noma negama abenzi lutho. Babheka lo obaphushela umculo wabo, bona bagoqe izandla. Kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu basuke bezihlalele bese ngoMgqibelo bathola ama-gigs kuyima kungena imali,” kuchaza u-Oskido.

Uthe kuyenzeka ke isizini ishintshe uthole ukuthi awumenywa ndawo ukuyonandisa. “Yilapho ke sizwa khona izindaba zokuthi umculi thizeni bayamujolela. Angithi kusuke kungekho mali emungenalayo,” kuqhuba u-Oskido.

Wengeze ngokuthi lokhu akushoyo ukuqondise ikakhulukazi kubaculi abasebasha, ikakhulukazi laba abagxile kumaPiano.

Uthi iningi labo limane licabange ukuthi bonke bazoba uKabza noma uMaphorisa.

“Okubuhlungu wukuthi bavele bonke bafune ukuyompintshana eGoli uthole ukuthi bahlala bawu-10 endlini eyodwa,” usho kanje. Bakhona o-Apple music noSpotify abaphusha umculo ukuthi usheshe ufinyelele kubantu kodwa inkinga awazi ukuthi elakho ithuba liyovela nini njengoba kunenani nabo abasuke bebekelwe lona ukuthi baliphushe. Ngalesi sikhathi ke ulinde kufike esakho isikhathi. Asithi sifika kodwa ube unawo umsebenzi oziphilisa ngawo,” kuphetha u-Oskido.

Related Articles

Back to top button