Selukubammeli udaba oluthinta uDJ Tira
ULuke wadlulela nasemsakazweni uKhozi FM ohlelweni iVuka Breakfast Show
Siwe Shozi
ABAMELI baMthokozisi “DJ” Tira Khathi bathumele incwadi evuthayo enqunela ugwayi katiki uLuke Ntombela.
Ngesonto eledlule ibiyindaba egudwini eyokuvuka kwaLuke embedeni kaTira. Le ntokazi engumculi nayo yabhala ezinkundleni zokuxhumana ithi ifuna izimpendulo kuMakoya.
ULuke akagcinanga lapho, kodwa wadlulela emsakazweni uKhozi FM ohlelweni iVuka Breakfast Show.
Namhlanje abameli baTira abamele ne-Afrotainment abazinze enkabeni yeTheku ababizwa ngeKhathi & Mkhize Attorney’s babhale incwadi bayidlulisela kuLuke ukuthi axolise mayelana nokwenza izinsolo ezingekho.
“Ikilayenti lethu lisazise ngokuthunyelwe uwe ezinkundleni zokuxhumana nokuyizinkulumo ezingenabo ubufakazi futhi ezihlambalazayo. Lokho kwenza kulimale umkhiqizo walo futhi ucekela phansi negama lalo” kubhalwe encwadini.
Iqhuba ithi: “Izinkulumo owazenza emsakazweni uKhozi FM zazingenasisekelo futhi zingelona iqiniso, kucaca ukuthi kunezinhloso zokuzama ukuxebula umkhoma kwikilayenti lethu. Ngakho ke sifuna uyeke ukushicilela lezi zinsolo ezingekho bese uyaxolisa. Uma usuxolisa uye oKhozini FM uxolise abantu belalele njengoba wenza nasekuqaleni. Sikunika izinsuku eziyisikhombisa kusukela manje. Okwedlula lapho kuzoshiya ikilayenti lethu lingenakho ukwenza okunye kodwa ukusasazela ngabomthetho,” kubhalwe encwadini yabammeli.
Iphetha ngokuthi: “Izinkulumo owazenza emsakazweni uKhozi FM zazingenasisekelo futhi zingelona iqiniso, kucaca ukuthi kunezinhloso zokuzama ukuxebula umkhoma kwikilayenti lethu. Ngakho ke sifuna uyeke ukushicilela lezi zinsolo ezingekho bese uyaxolisa. uma usuxolisa uye oKhozini FM uxolise abantu belalele njengoba wenza nasekuqaleni. Sikunika izinsuku eziyisikhombisa kusukela manje. Okwedlula lapho kuzoshiya ikilayenti lethu lingenakho ukwenza okunye kodwa ukusasazela ngabomthetho”.