Akasenajazi ummeli ophenywe izinqa
Ummeli odumile eGoli, uNonhle “NN” Nkomonde osolwa ngokushaya abhuqe imali zabafile aphinde antshontshe izimpahla zabo.
Inkantolo, i-Pretoria High Court ikuqinisekisile ukuthi i-Legal Practice Council (LPC) imphucile amalungelo obummeli uNkomonde nokuyinto ethuse abaningi.
Lo mmeli usolwa ngokudlulisa imali engu-R2 million isuka ku-account yekhasimende lakhe eseladlula emhlabeni uDkt. Frank Lubenga, wayifaka ku-account yakhe.
Uthathe lemali wathenga ngayo imizi eyisishiyagalombili (8) eSoweto nase-Orange Farm ngo-2023.
Kwelinye icala, usolwa ngokushintsha ubunikazi bendlu yekhasimende lakhe elineminyaka engamashumi ayisithupha nanye (61) e-Orlando East, eSoweto.
Wayifaka ngaphansi kwenkampani yakhe yabammeli wase eyidayisa ngo-R3000 000.
Yize esekhishiwe ngaphansi kohlu lwabameli kodwa usaphenywa ukuze kubhekwe ukuthi awekho yini amanye amacala angabekwa wona.
Lo mmeli usolwa ngokudlulisa imali engu-R2 million isuka ku-account yekhasimende lakhe eseladlula emhlabeni uDkt. Frank Lubenga, wayifaka ku-account yakhe.
Uthathe lemali wathenga ngayo imizi eyisishiyagalombili (8) eSoweto nase-Orange Farm ngo-2023.
Kwelinye icala, usolwa ngokushintsha ubunikazi bendlu yekhasimende lakhe elineminyaka engamashumi ayisithupha nanye (61) e-Orlando East, eSoweto.
Wamane wayifaka ngaphansi kwenkampani yakhe yabammeli wase eyidayisa ngo-R3000 000.
Umkhaya
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169