
Isebenzise izikhwepha iBafana iqhuthana neNigeria
Sekusele inqobe umdlalo owodwa iphinde idlale ngokulingana iBafana Bafana ukuze ingene eNdebeni yoMhlaba ezoba se-US, Mexico naseCanada ngonyaka ozayo.
Lokhu kulandela ukuthi ilwe yagcina ithole iphuzu elilodwa ibhekene neNigeria – umdlalo obuseFree State Stadium ngoLwesibili uphele ngo 1-1.
UWilliam Troost-Ekong ubebeke iBafana Bafana phambili ngegoli elibe ngumkhonto ogwaze ekhaya esiwombeni sokuqala.
Uhlangane nebhola ebeligotshwe uMohau Nkota ethi ulibekela uLyle Foster, kodwa lesi sitobha sathi siyalivimba lavele layokhalakathela enethini yangakubo.
Nokho kuthe sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini, iNigeria yathola elokulinganisa – nokho likhalisile njengoba belishaye ngesandla.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, umqeqeshi weBafana uHugo Broos uncome abadlali bakhe ngokulwa kulo mdlalo obunzima.
“Kube yilo mdlalo ebengiwulindele – umdlalo onzima futhi imbangi yethu ilwile,” kusho uBroos ngemuva komdlalo.
“Bazamile ukusihlula ngokusebenzisa amandla, kodwa kwasho ukuthi nathi sinawo amandla.
“Bengishilo ukuthi sizozama ukuwunqoba lo mdlalo, kodwa nokudlala ngokulingana kuhle futhi ngijabule.
“Into engiyitshele abadlali ngaphambi komdlalo wanamuhla wukuthi uma ningekwazi ukuwunqoba ngebhola elihle, kuzomele nilwele umphumela.
“Futhi yilokho abakwenzile – balwe ngayo yonke indlela. Laba bafana bayafuna ngampela ukuya eNdebeni yoMhlaba.
“Namuhla bekuwumdlalo obalulekile – sidlale ngokulingana, iNigeria isasemuva ngamaphuzu ayisithupha.
“Sekusele kithi manje ukuthi sinqobe umdlalo owodwa, bese singena eNdebeni yoMhlaba,” kuchaza uBroos.
IBafana seyizobhekana neZimbabwe ngo-Okthoba 6 ekuhambeni, bese ivala ngeRwanda ekhaya ngo-Okthoba 13.
Ukunqoba owodwa wale midlalo kuyobe sekuqinisekisa ukuthi nakanjani iyaya eNdebeni yoMhlaba ngonyaka ozayo.
Lisenethini.co.za
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



