
Akahlanyi uMfundisi obebulala udadewabo kaPastor Mjosty
Liyakhiza Mseleku
Umsolwa ecaleni lokuzama ukubulala udadewabo weCiko, uPastor Mjosty, nomshana ulaxaze isicelo sebheyili.
UFulgence Nimubona (34) owumfundisi odabuka ezweni iBurundi uzobhekana nelinye icala lokuphula incwadi yesivimbelo njengoba isisulu sase singasamfuni nokumbona eduze kwakhe.
Umsolwa okuthiwa wayenobudlelwano bezothando nomgilwa umgwaze amanxeba angaphezu kwa-40.
Kumanje isisulu siyelashwa egunjini labagula kakhulu (ICU) esibhedlela.
Bekufanele ngabe umsolwa uvele ngoMsombuluko ezobingelela iMantshi kodwa kwaba nemibiko ethi usefakwe egumbini labagula ngekhanda.
Lokhu kulandela ukuthi umsolwa ezisike izandla, nokho inkantolo iphoqe amaphoyisa ukuba abuye naye namhlanje (Lwesibili) ukuze izibonele yona.
Ufike enkantolo egqoke izingubo zase sibhedlela, ihembe eliqaqe zonke izinkinobho.
“Umbuso usafuna ukwenza uphenyo mayelana nezinsolo abhekene nazo. Kusashodi izitatimende zalabo abayizisulu, imibiko kadokotela ngolunye uhlu lophenyo”
“Inkantolo ithi emva kokuthi ummeli wakhe exoxisane naye ezama ukuthola ngemininingwane yakhe ukuzwa ukuthi kuyakhombisa yini ukuthi ungumuntu ongaphilile kahle ekhanda njengoba ubelaliswe egumbini labantu abagula ngengqondo,”
“Ummeli ukuqinisekisile ukuthi akabanga nankinga yokuthola imininingwane yakhe. Notolika ongumkhaya wakhe ukuqinisekile ukuthi akabanga nankinga,” kusho inkantolo.
Ngesikhathi iphoyisa limbiza ngesibongo phambi kwama camera limtshela ukuthi akayohlala eduze nemicrophone ebhentshini wenze njengoba kushiwo akubanga khona okusolisa ukuthi uphanjanelwa yingqondo.
Icala lihlehliselwe umhla ka-8 September 2026, kanti umsolwa uzovalelwa ejele eWestville kuze kube yilolo suku.
Ummeli womndeni wesisulu uXolani Zuma ongumyeni kaJacinta MaNgobese Zuma wenhlangano yomphakathi iMarch and March uthe bazokwenza uphenyo ngesibhedlela.
Bafuna siveze ukuthi bafike kanjani esinqumweni sokuthi ummangalelwa ugula ngekhanda njengoba bese sifuna ukumdlulisela esibhedlela sezinhlanya.
Lokhu kuza emva kokuthi iMantshi ithe akagcinwe esitokisini.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



