
Bahle Mkhize
Umculi kaMaskandi obeshisa izokhotha ngonyaka ka-2023 ngenoni lengoma esihloko sithi Hit after Hit uGatsheni uyayivuma induku.
Ingoma entsha esihloko sithi Amaphutha asanda kuzwakala kuyo napikwe uStallion X, uKhuthuza noMaMbovu ekhishwe ngo-April, 2026 ngesikhathi siloba ibimi ku-23, 788 wabantu asebengene kuyo kwiYouTube.
Lokhu kuyizinkomba zokubheda kwezinto kumculi osezingeni lakhe.
Awukho umcimbi omkhulu abengamenywa kuwona kweminye agcine engafinyelelanga ngenxa yokuxineka.
Muva nje abahleli bemicimbi bayamshalazela.

“Kuyiqiniso impela ukuthi umculo oyisiphiwo sibuye sisebenze ngawo ungeke walazi ikusasa lawo”
“Noma ngabe isasasa lingakanani njenga manje kodwa asazi sonke ukuthi kusasa kuzoma kanjani”
“Kuyinto enhle ukuhlala sizilungiselela, iningi lamaciko esinawo endimeni kulamalanga ayazibona izimpukane futhi abanye bethu bangosomabhizinisi okuyinto enhle leyo” ubhale kanje.
UGatsheni uthi wazikhethela umkhakha wemfuyo ziyabuya khona
Uthi uma nibona ethule engabhali lutho ezinkundleni zokuxhumana anokwazi ukuthi usuke esemadlelweni.
“Ngelinye ilanga ziyobonakala izithelo zalemizamo yakithi esukela oxhasweni lwenu (amabhushari ayophathwa yimi uqobo)”.
“Nali iBoran lakithi lizale amathole amabili, abanye bathi inhlanhla abanye bathi inhlanhla eza nebhadi” kuqhuba yena.
Ube esethembisa umsebenzi omusha wagcizelela ukuthi usestudio, kungekudala uzokhipha usuku ucela ukwesekwa.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



