
Abakade beyimilutha yezidakamizwa bazongena ezikoleni
Aphelele Cebekhulu
Amabhungu asemalokishini amakhulu eThekwini Inanda, KwaMashu, noMlaza basemkhankasweni wokulwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa ezikoleni.
UClinton Xulu (28) Ndabe Gumede (33) noSandile “Sandy” Nene (33) bahlanganise amakhanda ukwethula umkhankaso wokulwa nokusetshenziswa kwalesi sihlava.
Bakwenza lokhu ngemuva kokushiya impilo yokulutheka ezidakamizweni abake bayiphila bobathathu.
Lo mkhankaso, obizwa nge-The Comeback Drug Awareness Campaign, uhlose ukuqwashisa abafundi ngengozi yokusebenzisa izidakamizwa.
USandy ekhuluma neThe Purpose uthe yena noClinton bangabangani.
“Mina noClinton singabangani uNdabe ubengumngani wasezinkundleni zokuxhumana. Besijwayele ukuhlangana ezindaweni zokujabula isikhathi esiningi,”
“Mina bengisebenzisa icocaine, uClinton esebenzisa iRock bese kuthi uNdabe kuyicocaine,” kulandisa uSandy.
Bathi impilo abebeyiphila phambilini ibenze baqonda kahle ubuhlungu nemiphumela yokuba umlutha.
Kumanje bafuna ukusiza nabanye ukuze kusindiswe izimpilo zabantu abasha.
Umkhankaso uzoqala ngokuvakashela izikole zamabanga aphansi, ugxile kubafundi bakaGrade 7.
Laba bafundi kulindeleke ukuthi bangene ezikoleni zamabanga aphezulu ngonyaka ozayo.
Bathi yilapho abaningi beqala khona ukubhekana nengcindezi yabangani, izilingo zokusebenzisa izidakamizwa kanye nezinye izinqumo ezingaba nomthelela omubi ezimpilweni zabo.
USandile Nene uthi lo mkhankaso uyithuba lokusebenzisa izifundo abazifunde empilweni yabo ukuze bakhe ikusasa elingcono lentsha.
“Sake saba izigqila zezidakamizwa, kodwa namuhla sesikhethe ukuba yingxenye yesixazululo”
“Uma singahlenga okungenani ingane eyodwa ekungeneni ezidakamizweni, siyobe sesiwufezile umgomo wethu,” kusho laba bobathathu.
Kulindeleke ukuthi i-The Comeback Drug Awareness Campaign inabele nakwezinye izikole nemiphakathi njengoba laba bobathathu beqhubeka nomsebenzi wokuqwashisa intsha.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



