Izindaba

Umsolwa kwelokufa kwaWitness D kolunye utaku

Umshushisi ecaleni lokubulala uMnuz Marius Van de Merwe (owaziwa ngo-“Witness D” kwiKhomishana kaMadlanga) ushisele umsolwa uMatipandile Sotheni (42).

Utshele inkantolo kaMantshi eBrakpan ukuthi Sotheni, watholakala neselula ngesikhathi kuseshwa ijele ngomhla ka-2 September 2026.

Kusolakala ukuthi ubewusebenzisela ukuxhumana nabantu ngaphandle ngokuphathelene necala abhekene nalo.

UMshushisi, uTrott Mphahlele, ucele ukuthi inkantolo inikeze umbuso isikhathi sokubheka i-cell phone data ukuze kuqinisekiswe ukuthi akukho okungatholakala kuyo okuhlobene necala.

USotheni wayesebenza ophikweni lwe-SAPS Special Task Force, usolwa ngokuqashwa njengenkabi ecaleni lokubulala uMarius Van De Merwe ngaphandle komuzi wakhe eBrakpan ngoDecember 2025.

Ubhekene namacala angu-16 ahlanganisa ukubulala, ukuhlela ukubulala, nokuzama ukubulala, waboshwa ngoMarch 2026 futhi ubelokhu egqunywe ejele emuva kokunqatshelwa ibheyili.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button