
Limshonele owesifazane owabulala ingane ngesihluku
Limshonele owesifazane (23) owenza isihluku wabulala ingane eneminyaka engu-6 ubudala.
Inkantolo iMthatha High Court imthole enecala uNoluvuyo Sinyikatha yase inquma ukumgweba ngomhla ka-18 ngoSeptember.
USinyikatha, utholakale enecala lokubulala ingane yentombazane eneminyaka engu-6.
Ngesikhathi evuma icala enkantolo uthe wayeshonelwe yingane yakhe, enezinyanga eziyishagalolunye ubudala.
Wabe esesola omunye wesifazane ngokuthi uyena owabangela ukushona kwayo.
Uthe ngesikhathi ebona ingane yalowo wesifazane, wafikelwa umqondo wokuthi naye kufanele ayibulale.
Uthe wayibiza le ngane, yathi isifikile wayibamba wayifaka ikhanda emanzini, wayicwilisa yaze yathula.
Umbulali wagila lomkhuba wokucwilisa ingane engenacala eNgcanasini, Mqanduli, e-Eastern Cape ngo-August 28.
Isidumbu sengane satholwa sintanta ngowesifazane owayotheza izinkuni.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



