
Inzukazikeyi eyokubulawa komfundi ngabanye
Isaseyinzukazikeyi emphakathini nasemndenini eyokufa komfundi wase-Drakensberg Comprehensive High School.
Lesi sikole siselokishini laseWembezi eduze kwaseMtshezi, KwaZulu-Natal.
Nakuba Imibiko ingacaci kahle kodwa kuvele ukuthi u-Anele, washaywa futhi wahlukunyezwa ngabanye abafundi esikoleni wagcina ngokushona.
Imibiko evelayo njengamanje iveza ukuthi umufi ushone ngemuva kokuhlaselwa ngabanye abafundi nokungaqomdakali ukuthi kwakubangwani.
Lesi sigameko sidale udungunyane nokukwebhana emphakathini njengoba abantu abaningi befuna kutholakale iqiniso futhi kube khona abazobhekana nemiphumela.
Futhi babhekane nengalo yomthetho uma kufanele.
Kukhona abaphakamisa ukuthi kwenziwe uphenyo olunzulu ukuze kuvele wonke amaqiniso ngalesi sigameko.
Kuze kube manje, i-Drakensberg Comprehensive High School ayikakhiphi umbiko ogcwele ochaza ngesehlakalo.
Umphakathi udlulisa amazwi enduduzo emndenini, kubangani nakwabanye abathintekile ngokushona kwakhe.
Ezomphakathi Newspaper
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



