
Owokufika ushiye imindeni ingena ‘twa’ ngomlilo
Sindiswa Nxumalo
Izakhamuzi zaseThekwini, emjondolo yaseQuarry Road zisale dengwane ngemuva kokuba owokufika eshise umlilo ocekele phansi imijondolo.
Lesi sigameko esenzeke ngoLwesine ekuseni sishiye imindeni, kuhlanganise nezingane, ingenamakhaya.
UNgqongqoshe wezokuThutha kanye nokuHlaluliswa kwabantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, uqinisekise ukuthi umlilo uqale cishe ngo-10:30 ekuseni.
Ngokwemibiko, kuthiwa umlilo uqale emjondolo okuthiwa ubuhlala umuntu ongowokufika.
Nokho, akekho oshonile noma olimele kulesi sigameko.
Abezimo eziphuthumayo abavela kuMasipala weTheku baphuthume endaweni yesigameko ngemva kokuthunyelwa iMeya uCllr Cyril Xaba.
Abacimimlilo bakwazile ukuwulawula umlilo ngaphambi kokuba usabalale kakhulu udale omunye umonakalo.
Ithimba likahulumeni wesifundazwe eliholwa iNhloko yoMnyango wezeZindlu, uMax Mbili, livakashele indawo kanye noKhansela weWadi 25, uThemba Mkhize.
Izikhulu ziphinde zahlangana namalungu ekomidi lewadi ukuze zihlolisise umonakalo nokuhlela usizo.
Nakuba ebancoma abezimo eziphuthumayo, uDuma uveze ukukhathazeka ngesimo asichaze njengokuphindaphinda lapho abantu bokufika abangekho emthethweni besuka banyamalale ngemuva kwezinhlekelele.
“Sikhathazekile ngomkhuba wabantu bokufika abanyamalala ngemuva kokudala izinkinga,” kusho uDuma.
Uphinde wabhekisa kwezinye izigameko ezedlule ezibandakanya abashayeli bamaloli abangabokufika abangekho emthethweni, okubalwa kuzo ingozi embi eyenzeke muva nje ku-M7/N2 eThekwini.
Kuthiwa iloli elibhaliswe Zambia umshayeli wahluleka ukulilawula lashayisa ezinye izimoto, kwashona owesifazane kwalimala nabanye abantu.
UDuma udlulise amazwi enduduzo emndenini walowo oshonile waphinde wagcizelela isidingo sokuqinisa umthetho.
UNgqongqoshe uphinde wamemezela ukuthi uhlelo lwe-#NenzaniLaEzweni luzonwetshwa ukuze lufake nezindawo zokuhlala.
Lolu hlelo luzogxila ekulweni nokuqashiswa nokudayiswa kwezindlu zeRDP kubantu bokufika abangekho emthethweni.
“Asisoze sathula ngezinkinga eziphakanyiswa izakhamuzi,” kusho uDuma.
“Siphikisana ngokuqinile nokuqashiswa nokudayiswa kwezindlu zeRDP kubantu bokufika abangekho emthethweni, ”
Iziphathimandla zisaphenya imbangela yomlilo, kanti imindeni ethintekile ilindele usizo kanye nokwesekwa ukuthola indawo yokuhlala.



