Izindaba

Ikhwelo lokuvalwa kwezabokufika kuthunjwa owesipaza

Liyah Mseleku

Izakhamizi zaseVosloorus ziphume zagcwala izitaladi zithi kumele zivalwe zonke izipaza zabantu bokufika.

Lokhu kuza emuva kokunyamalala  kwaMazwi Mpumelelo Kubheka okusolakala ukuthi wathunjwa.

Kule mashi eqhubekayo kukhona noNkosikhona Phakel’umthakathi Mhosh’Odungulwandle Ndabandaba, osezakhele udumo ngokutshengisa ukungabafuni abantu bokufika abakuleli ngokungafanele.

Ngokombiko weBayede News  uKubheka (27) akatholakali namanje wathunjwa ngenxa yokuthi akafuni ukuyeka ukudayisa kwiSpaza, okade kusebenzela kuso owokufika nowaxoshwa umphakathi wakhona eVosloorus Ext 9.

Kwathi esexoshiwe owokufika kwangena yena uKubheka wadayisa akuphelanga izinsuku eziningi wanyamalala wangaphinde watholakala.

Kubikwa ukuthi bebemphoqa ukuba ayeke ukudayisa yena enqaba, waphuma eya ebhange ukuyofaka imali wangaphinde wabuya kanti umndeni wakhe usola indaba yesitolo ngokulahleka kwakhe.

Omunye wesifazane ochazwe njengoNelisiwe okhulume nabezindaba zakwa SABC uthe yinto esijwayelekile ukunyamalala kwabantu kule ndawo.

“Ingane yami yomfana yanyamalala ngo-30 April 2005 yahamba nezinye izingane ukuyojaiva ayiphindange yabuya. Ngithe uma ngizwa ngale ndaba kaMazwi inhliziyo yami yaba buhlungu ngathi angize la.

“Abantu la eVoslorous bayalahleka, sengathi balahleka zinyanga zonke. Kulo mgwaqo engikuwo kwalahleka ubaba womuzi wacingwa engatholakalanga.

“Owami umntwana kwagcina kuthiwa washayiswa imoto emgaqweni uthelawayeka. Kwathiwa engiphuthume emakhazeni eGermiston, kwaphinda kwathiwa usengcwatshwe uhulumeni,”

“Ngalandelela kwambiwa isidumbu kwagcina kuvela ukuthi akusiye. Emva kwalokho angiphindange ngaluthola usizo,” usho kanje.

Related Articles

Back to top button