
Bafuna okuhlukile abasebenzi kugujwa usuku lwabo
Zakithi Mnguni
Izinkulungwane zabasebenzi, amalungu ezinyunyana kanye nabalandeli bezombusazwe bahlangane eCurries Fountain Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu.
Bahlanganele ukuzogubha usuku lwabasebenzi emhlanganweni weMay Day Rally ka-2026 ohlelwe iCongress of South African Trade Unions (COSATU).
Lo mbuthano uhlanganise amalungu eCOSATU kanye nabalingani bayo okubalwa i-ANC, i-SACP kanye ne-SANCO.
Ababekhona bebehlabelela izingoma zomzabalazo, bephakamisa amafulegi futhi bexoxa ngezimo zabasebenzi eNingizimu Afrika.
Izinkulumo ezisemqoka zenziwe abaholi bezinyunyana, okuhlanganisa uNobhala Jikelele weCOSATU, uSolly Phetoe, ogcizelele ukubaluleka kobumbano phakathi kwabasebenzi kanye nesidingo sokulwela amalungelo wabo.
Omunye wabasebenzi obekhona, uNozipho Gamede, uveze ukuthi ushintsho olukhulu afisa ukulubona emsebenzini ukuhlonishwa kwabo bonke abasebenzi.
Uthe: “Into engiyifunayo ukuthi kube khona ukuhlonishwa emsebenzini. Abaqashi kumele bahloniphe wonke umuntu, ngisho nabahlanzayo, ngoba uma umqashile kusho ukuthi ubemdinga lowo muntu.”
Omunye umsebenzi, uKhethukuthula Mabika, uthe nakuba kunezinselelo eziningi ezisabhekene nabasebenzi, kukhona izinguquko ezibonakalayo, noma zenzeka kancane.
Uthe: “Siyabona ukuthi kunezinkinga eziningi, kodwa futhi siyabona ukuthi kukhona izinguquko ezenzekayo lapha nalapha. Siyaqonda ukuthi akusikho konke okuzoshintsha ngokushesha.”
Isimo enkundleni sikhombise abantu abaningi behleli ezitebhisini, behlangene ngezinhlelo zabo nezinyunyana zabo. Umoya ububumbene kodwa futhi ubukhombisa ukukhathazeka ngezimo abasebenzi ababhekene nazo.
ICurries Fountain Stadium, eyaziwa ngomlando wayo omkhulu emzabalazweni wenkululeko, iphinde yaba indawo ebalulekile lapho abasebenzi bephakamise khona amazwi abo.
Njengoba umcimbi uqhubeka, abahleli baphinde bagcizelela ukubaluleka kokubambisana, bekhuthaza abasebenzi ukuthi baqhubeke nokulwela amalungelo wabo nokuba yingxenye yokwakha ikusasa labo.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



