
Kubhadanywe iqembu labokufika ebugebengwini bamaselula
Sindiswa Nxumalo
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal abhadame iqembu labaseNigeria libandakanyeka kumkhoshosho wokukhwabanisa ngezingcingo elibiza izigidi zamarandi.
Lo mshikashika ubuwenzeka ehhotela elidumile iBeachfront eThekwini, kwaboshwa abantu abahlanu.
Kuboshwe amadoda amathathu aseNigeria kanye nabesifazane ababili bakuleli kulandela uphenyo olunzulu oluholwa yizikhungo zeSouth African Police Service (SAPS) esifundazweni.

Amaqembu abandakanyekayo afaka iSAPS, KZN Crime Intelligence egxile emacaleni ezokuhwebelana, ezezimali kanye ne-cybercrime, iSAPS KZN Commercial Crime Investigations, iDurban Central SAPS kanye neDurban Metro Police Tactical Support Unit.
Kuthiwa abasolwa baqasha amagumbi amathathu ehhotela ngesonto lokuqala lika-April, lapho abesebenza khona benza ubugebengu bokukhwabanisa.
Ngesikhathi kugaselwa, kutholwe izingcingo eziningi kanye nama/Laptop okuthiwa asetshenziswe ukwenza lobu bugebengu.
Laba basolwa abahlanu kulindeleke ukuthi babhekane namacala enkohliso, ukweba kanye nokwephula umthetho iCybercrimes Act lapho bevela enkantolo ngesonto elizayo.
Kwesinye isigameko, owesifazane oneminyaka engu-43 osebenza kuDepartment of Home Affairs ePinetown uboshwe ngamacala enkohlakalo.
Kuthiwa lo wesifazane wabhalisa kokufa okungamanga ngonyaka odlule.
Ngesikhathi uphenyo luqalwa yiCounter Corruption Unit yomnyango, kusolwa ukuthi wazama ukugwazela umphenyi ngo-R3 000.
Umkhankaso wokubamba ngecebo (sting operation), owenziwe ngosizo lweSAPS, uholele ekuboshweni kwakhe ngoLwesine ntambama.
Kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze.
Umphathi wakwa Home Affairs waKwaZulu-Natal, uCyril Mncwabe, usamukele kahle isinqumo sokuboshwa kwalona wesifazane, ethi umsebenzi wokuhlanza inkohlakalo ngaphakathi komnyango uyaqhubeka ngamandla.
Uphinde wathi kunomkhankaso oqinile wokubhekana nezikhulu ezikhohlakele ukuze kuqinisekiswe ukuphendula kanye nokubuyiselwa kokwethembeka komphakathi.



