
Ezinhle ngokuqedwa kwamaphilisi eHIV eMzansi
Sindiswa Nxumalo
Kubuye ithemba lwempilo ende kubantu baseNingizimu Afrika asebegabe ngemishanguzo ethuthukisiwe empini yokulwa ne-HIV.
UMzansi usugabe ngemijovo emisha yokuvikela iHIV othathwa kabili ngonyaka okumanje ukuleli.
Imithamo engu-37,920 yomjovo obizwa nge-Lenacapavir ifike e-OR Tambo International Airport isuka eDublin.
Iziphathimandla zezempilo zithi lokhu kuyisinyathelo esikhulu ekwandiseni izindlela zokuvikela i-HIV.
UNgqongqoshe weZempilo, Aaron Motsoaledi, uthe lo mjovo, usuyasetshenziswa emazweni afana ne-United States, uzokwenza kube lula kubantu ukuwulandela kahle ngoba uthathwa kabili kuphela ngonyaka.
“Enye yezinzuzo ukuthi uthathwa kabili ngonyaka, okusho ukuthi abantu ngeke kudingeke bakhumbule ukuphuza iphilisi nsuku zonke, ngaleyo ndlela kulindeleke ukuthi bawulandela kahle kakhulu.”
UMnyango weZempilo uzomemezela emasontweni azayo ukwethulwa ngokusemthethweni kwalolu hlelo olusha, kanye nohlelo lokusabalalisa ngezigaba.
UMotsoaledi uthe isigaba sokuqala sizogxila emaqenjini asengozini enkulu, okubalwa kuwo amantombazane asemasha nabesifazane abasebancane, abesifazane abakhulelwe nabancelisayo, abasebenza ngocansi, kanye nabesilisa abalala nabanye besilisa, phakathi kwabanye.
Uphinde wathi, “Sizoqala ngalawa maqembu ezikhungweni zezempilo ezingama-350 ezisezindaweni ezinezinga eliphezulu le-HIV. Kusukela lapho sizokwandisa siye kwezinye izifunda.”
Eqeda ukukhathazeka kwabantu, uMotsoaledi uthe lo mjovo uphephile futhi uqinisekisiwe ngokuphepha okugcwele kulabo abaseminyakeni eqondiwe.
“Sinikeza abantu umjovo wokuvikela okuthi uma uthathwa kahle kabili ngonyaka, uvimbele ngokuphelele ukutheleleka nge-HIV. Sikholelwa ukuthi uzosebenza.”
Uthe futhi abasebenzi bezempilo kulezo zifunda sebekuqeqeshelwe kahle ukuphatha lo mjovo.



