
Injabulo unobuhle (9) eyomela elakuleli eMelika
Sindiswa Nxumalo
Uyophephezelisa iflegi lakuleli eMelika uThapelo Dlamini oneminyaka engu-9 ubudala.
UThapelo uqokelwe ukuba ayomela iNingizimu Afrika kumncintiswano iMiss Teen Universe.
UThapelo ongowokudabuka eRichmond uyi-Model yemfashini ne-runaway useqoqe inqwaba yezindondo eminyakeni emibili selokhu waqala ukumodela ngoJune 2023.
“Ungenele umncintiswano kaMiss Teen Universe South Africa 2026 obubanjelwe eMeropa Sun Casino, ePolokwane, eLimpopo,” kulandisa uNomfundo Dlamini, umama wakhe.
Uqhubeke wathi umntwana wakhe wanqoba waba nguMiss Teen Universe South African Mini World Queen esigabeni sontanga bakhe.
Kumanje basezinhlelweni zokumwelisa kwelase Melika ukuyomela iNingizimu Afrika.
Umncintiswano uzoba kwelika Donald Trump ngoNovember kusukela mhla ka-10 kuya kumhla ka-15 kuwo lonyaka.
Umzali uzwakalise injabulo ngalo lolu daba lohambo lomntwana wakhe.
“Ngijabule kakhulu futhi ngifisa ukuthi ahambe ayoqhakaza abe isibonelo esihle kwabanye abantwana, futhi ngiyakholwa ukuthi lolu hambo luzomvulela iminyango yempumelelo”
Umntwana wenza ibanga lesithathu eSipingo Primary School eNingizimu neTheku.
Zonke izindleko zizokhokhelwa abazali kodwa bathole ithuba lokufaka izicelo zokuxhaswa eminyangweni ehlukahlukene.
Kunxuswa noma ngubani ongakwazi ukufaka isandla angenelele ukuze lolu hambo lube impumelelo.



