
Idlule nemiphefumulo ingozi yeloli ku-N3
Morgan Ngwazi
Ishe yangqongqa iveni emgaqweni uN3 ngase Shongweni eshayisane neloli kwashona abantu ababili kwalimala abane.
Umshayeli weloli uphume uthole imihuzuko.
Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola isiphithiphithi kulesi sibhicongo njengoba befice iveni lingqongqa.
Abezimo eziphuthimayo i-ALS Paramedics inikele ngosizo ngaphambi kokuthi baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuze bathole ukunakekelwa okwengeziwe.
“Ngebhadi abagibeli evenini bathole ukulimala futhi akukho abezimo eziphuthumayo abebengakwenza” kusho isitatimende.
Okwamanje izizarhu eziholela kule ngozi azikaziwa, nokho abeSAPS kanye nabakwa RTI babekhona kanti basazophenya kabanzi.
Khonamanjalo, ngomhla ka-19 November iPurpose ibike ngayo i-ALS Paramedics ebihlenga abantu engozini enyantisa ingazi emgwaqeni u-Old Dutch ngaku Warwick Avenue enkabeni yedolobha iTheku.
I-ALS ifike yathola ukuthi kushayisane iloli, ibhasi, izimoto ezimbili kanye namatekisi amathathu lapho kusale khona kulimele inqwaba yabantu.
Abantu abayishumi nambili abathole ukulimala kanye nemihuzuko. Emva kokuthola usizo lokulashwa endaweni yesigameko bonke abalimele bathuthelwe ezibhedlela ezihlukene zaseThekwini ukuze bathole usizo abaludingayo.
Kube nokuphazamiseka kukuhamba kwezimoto ngesikhathi abezimo eziphuthumayo bekhuculula endaweni yesigameko.



