
Bakhaliswa unya kuthishanhloko ogweve nezitatimende
Bazulelwa amakhanda abazali bezingane eziphase umatric eHillgrove Secondary, eNewlands West, ngenxa yokubanjwa kwezitatimende zemiphumela.
Kukhonjwa uthishanhloko ogweve nale zitatimende ngenxa yemali yesikole engakhokhiwe.
Laba bazali bathi izingane zabo ebezeqiwe yinjabulo ngoLwesibili ngenxa yokuphasa u-matric, zibuye esikoleni zidangele, zingazitholanga izitatimende zemiphumela yazo.
Bathi zithe uthishanhloko uzitshele ukuthi ngeke zizinuke izitatimende, zingayikhokhile imali yesikole eziyikweletayo.
Omunye wabazali, uNksz Nozipho Hlongwa, uthe ujanyelwe yingqondo njengoba ebuka ikusasa lendodakazi yakhe u-Olwami Hlongwane lilimala ngenxa yale nkinga.
Echaza ngesakhe isikweletu uthe sisuka ku-2022, indodakazi yakhe ifunda uGrade 9. Uthe besilokhu sinezeleka isikweletu, ingane yakhe ifunda kabuhlungu.
“Ayilitholanga iriphothi lakwaGrade 9. KwaGrade 10 yaya ngoba uthisha wakwaGrade 9 wayitshela ukuthi iphasile. Ibilokhu iqhubeka kanjalo, yaze yafika kwaGrade 12,” kusho uNksz Hlongwa.
Uthe singu-R8 000 sesiphelele isikweletu sakhe, wathi akazi uzosikhokha ngani njengoba alahlekelwa umsebenzi ngo-2020 ngesikhathi kugadla iCovid 19 kuleli.
“Ngo-2021 ngakwazi ukuzama, ngasihlanganisa kodwa ngo-2022, kwanqaba isimo. Ngaze ngathutha eNewlands ngayohlala eLindelani ngenxa yoshintsho olwaluze neCovid 19,” usho kanje.
UMnuz Mlungisi Mtshali woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthe usazolubheka udaba bese eyaphendula.
Isolezwe



