Izindaba

Bashiye kukhalwa ‘abafana’ benkunzi emqashweni  

Philasande Luthuli 

Zishiye kukhalwa izigebengu ezingene emiqashweni emisha ngasesikoleni i-Andrew Zondo, eLovu kwaB, zakhomba ngesibhamu owesifazane oyisiqashi.

Zimphoqe uku(transfer) imali engu-R1 300 ebukwi-account yakhe. Zikwenza lokhu nje bese zimphuce uR700 owucash, zaqeda zathatha neselula yakhe.

Lesi sigameko esishiye lo wesifazane ethuthumela senzeke ngeSonto ebusuku ngabo-10.

Umfowabo kamgilwa uthi abasolwa bathe uma beqeda bazama ukugqekeza kwiroom eseduzane, bafica kukhiyiwe bahluleka bagqebhula amatiles.

“Bathe uma beqeda bazama ukudubula umfana owucaretaker wemiqasho wabaleka waze wayoshona enkundleni yezemidlalo e-Andrew Zondo”

Le miqasho yakhiwe phakathi neVukanisakhe Hardware nesikole esingenhla.

Laba solwa bebehamba ngemoto yohlobo lweSuzuki Swift Sedan.

“Ngithe uma ngiyifonela iselula kadadewethu bayibamba base bethi bakwa Condev, ngemuva bekuzwakala ukuthi basendaweni yobumnandi futhi kuyaphuzwa”

“Amaphoyisa ngiwafonelile ucingo luphendulwe usisi wakaZuma uma ngisizwe kahle isibongo sakhe wase engeya. Kumanje amaphoyisa awakaze afike”

UMastende uNkk Dorothy Nzimande uvumile ukuthi lesi sigameko senzekile.

“Ngiyafika nje nami la ngizwile ukuthi sekwenzeke into enjalo izolo ebusuku ngo-9:30. Angikamboni umgilwa ukuze ngikhulume naye,” egoqa ngamafuphi.

UNkk Nzimande uvumile ukuthi kumele kuqiniswe ezokuphepha kwazise imiqasho yakhe isondelene kakhulu eduze nomgwaqo.

Related Articles

Back to top button