
Inhlokomo owayengumsakazi woKhozi FM ebuyela emoyeni
Sihle Mkhize
Libe likhulu isasasa lowo owayengumsakazi woKhozi FM uSbu Buthelezi esakaza okokuqala kwi “Voice of life Radio” uhlelo Indumiso ngeSonto.
Wamukelwe izinkulungwane zabantu ebezithamele uhlelo lakhe kwiFacebook nakwiZano App emuva kweminyaka emithathu waxoshwa kuKhozi FM.
“Ngeke sibe ihora okwamanje, ngiyabonga kakhulu bafwethu ngiyayibona nemiyalezo yenu la kuFacebook njengoba sibukhoma. Ngizwile ukuthi ivolume kade iphansi ngithemba ukuthi sekulungile”
“Ngizoyifunda bafwethu imiyalezo yenu, uNkulunkulu angibusisele nina. Nitshele nabanye, ngicabangile ukuthi abanye bazothi le ndoda isibambise udonga lutho bafwethu,” usho kanje ezwakala ukuthi ujabule.
UButhelezi uphume ibhodwe lakhe nje ubelandelwa utavatava lwezinkinga kubhoke umndeni wakwaMsibi, eNquthu, enhla nesifundazwe saseKZN.
Lo mndeni waphumela obala ukhala ngokuqolwa uButhelezi isamba semali engango R600 000.
UButhelezi owayesakaza uhlelo olwaluhamba phambili ngesibalo sabalaleli Indumiso.
Phambilini lo somabhizinisi wayenxenxa abantu ukuthi abafake izimali zabo enkampanini yakhe Abombuso Investment ukuze bahlomule ngokuphindaphindiwe.
Nokho, izithembiso eyezenza kubantu wayehluleka ukuzifeza.
Lokho kwamakhela amazinyo abushelelezi kubantu nesigcwagcwa kubaqashi bagcina bemkhiphe ngesango.
UKhozi FM lavala isikhala sakhe ngoZanele “Mazet” Mbokazi owagcina ngokushona exinwe umdlavuza
Abagilwa bagcina befuna usizo lweSikebhe okuyithimba elivamise ukugada ubugebengu nelithelana isibhaxu.
“Ningavumi ngani futhi, nqabani ngani. Balekani ngazo zombili. Uzonigoqa anigoqe, uShenge lo,” kubhala uSnothile ezinkundleni zokuxhumana.



