Izindaba

Izindodla ezikhokhelwa abashushisi nabammeli abakhohlakele – Fazel

Aphelele Cebekhulu

Abammeli abakhohlakele bakhokhelwa izimali ezishisiwe ukuthola ibheyili babuyele emphakathini baqale la begcine khona.

Lo mbiko oshaqisayo uqukethwe umbiko ka-Inspector-General of Intelligence (IGI) u-Imtiaz Fazel.

Ukusho lokhu emuva kokuhlangana neziphathimandla ze-South African Police Service Crime Intelligence (SAPS-CI).

Lo mbiko uhamba ngqo emagameni angoJuly kwisithangami sabezindaba esabizwa uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi onguKhomishana wamaPhhoyisa KwaZulu-Natal.

Emuva kwezinsolo zaMkhwanazi kwalendela ngokuphuthuma iKhomishana kaMadlanga ukuphenya wonke amaphoyisa athintekayo.

UFazel uzwakalisa ukukhathazeka ngokusebehnza ngokuzikhandla kwabeCrime Intelligence emva kwalokho abasolwa badedelwe ngebheyili ezinkantolo.

Ngokombiko weSunday World uFazel uchaze lezi zigebengu njengezihambaphambili ekubambeni izimoto zemali, ukuthumba ngenhloso yokuqola imali, nokuthatha izimali kubantu ngendlela okungeyiyo.

“Kuvelile ukuthi ngesikhathi sihlezi nabaphathi ukuthi abanye bezigelekeqe eziboshwa abeCrime Intelligence bahlezi beyithola ibheyili babuyele emphakathini benze into efanayo,”

“Lokhu kwenziwa inkohlakalo ngaphakathi kwezobulungiswa ikakhulukazi labo bashushisi abakhohlakele nabammeli,”

“ISouth Africa isingathwe ubugebengu obuphezulu obunye babo benziwa izigebengu ezikhishwe ngebheyili ngobugebengu obunhlobonhlobo,”

Khonamanjalo, amehlo athe njo kwiphini lenhloko esamisiwe uBrigadier Julius Mkhwanazi njengoba kusanda kubulawa uMarius “Vlam” van der Merwe.

Udutshulwe washona ngaphandle komuzi wakhe, phambi komndeni wakhe.

Kuzokhumbuleka ukuthi uVlam wethula ubufakazi obuthi uMkhwanazi omisiwe wabayalela ukuthi basilahle kuphi isidumbu somsolwa owabulawa.

Related Articles

Back to top button