Izindaba

Isinde emlonyeni wengwenya iBenin kumavukelambuso

Liyah Mseleku

UMengameli waseBenin uPatrice Talon (67) usenike ithemba izakhamizi zakuleliya zwe ezisinde ekuketulweni kombuso.

“Ngiyazithakasela izenzo ezikhonjiswe abaholi bamasosha abahlezi bethembekile esizweni,” kusho uTalon ekhuluma nesizwe kuthelevishini.

Uhulumeni uthi ukwazile ukuvikela amavukelambuso emuva nje kwamahora iqeqebana lamasosha limemezele ukuthi lithatha uhulumeni.

Ngokuqhubeka kosuku ngeSonto kuzwakale ukuqhuma okukhulu eCotonou, okuyidoloba elikhulu kuleli lizwe.

Ngaphambi kwalokhu kuqhuma ibhanoyi elinokuzulazula liqaphe emkhathini lithole ukuthi kunezindiza ezintathu ezingene endaweni yeBenini ingena ngomakhelwane iNigeria ngaphambi kokubuyela emuva.

Okhulumela uMengameli waseNigeria ugcine ekuqinisekisa ukuthi lendiza yezempi impela ingenile emhlabeni weBenin ukuzama ukufaka isandla kumavukelambuso.

Kuzokhumbuleka ukuthi seziningi izgameko zokuvukela kombuso eWest Africa ngaphambi kokunqandwa lesi sakamuva.

IBenin neyayingaphansi kombuso waseFrance ithathwa njengelinye lamazwe anokuthula abuswa ngentando yeningi.

Nakuba kunjalo uTalon ubhekene nezinsolo zokucindezela labo abagxeka imithetho ayibekile.

Leli lizwe lingelinye amakhulukazi akhiqiza ukotini, kodwa futhi libalwa namanye ahluphekayo.

INigeria nokuyizwe elingomakhelwane lichaze lokuvukelwa kombuso njengekuhlasela ngqo inqubo yentando yeningi.

“Ukuzibophezela kusisize ekulweni nosomathuba, ngeke kuphele kanjalo laba bathengisi bengabhekananga nemiphumela yesenzo sabo,” usho kanje.

“Ngiyaniqinisekisa ukuthii yonke into isihamba ngohlelo ngaleyo ndlela nonke ningabuyela emsebenzini yenu ngokukhululeka,” kuqhuba yena.

Akucacanga ukuthi bakhona yini ababulewe kodwa uMengameli udlulise amazwi enduduzo kwizisulu.

Related Articles

Back to top button