Izindaba

Bazulelwa amanqe ababulali baVan Der Merwe – SAPS

Liyah Mseleku

Selisezingeni eliphezulu uphenyo lolubulawa kwaMnuz Marius Van Der Merwe.

Akazibekile phansi namaphoyisa ophiko lwe-IPID njengoba ephenya icala lokubulawa kwaDuduza owagcina etholwa edamini ngo-2022.

Abakwasidlodlo bahlangane nale mindeni beyazisa ngokuqhubekayo ngophenyo.

Amaphoyisa akholwa wukuthi imoto yohlobo lweChevloret eyiveni emhlophe etholwe ilahlwe elokishini e-Alexandra yiyo kanye eyayihamba abasolwa.

Kwivideo eyasala kubulawa uVan Der Merwe kuvela le moto emhlophe ihlezi izithonto umufi ngesikhathi evula isango.

Emva kwalokho walandelwa yimvula yezinhlamvu wafela esangweni.

“Kulesi sigaba sikholwa wukuthi le moto esitholile ilahlwe Alexandra yiyo ngqo. Lemoto yalahlwa ngoMgqibelo ekuseni ngamadoda amabili emva kwamahora kubulawe uVan Der Merwe,” kusho amaphoyisa.

“Ochwepheshe bathuthelane kule ndawo. Le moto itholakale emgaqweni owubhuqu ikakwe imijondolo. Siyithathile imoto ukuze kuqhutshelwe nophenyo,”

“Sinabasolwa abathathu esibafuna phansi naphezulu ekuxazululeni icala laMarius Van Der Merwe. Siyabambozela manje labasolwa kwazise uphenyo lwethu selisezingeni eliphezulu,” kusho amaphoyisa.

Amehlo athe njo kwiphini lenhloko esamisiwe uBrigadier Julius Mkhwanazi njengoba kusanda kubulawa uMarius “Vlam” van der Merwe.

Kuzokhumbuleka ukuthi uVlam wethula ubufakazi obuthi uMkhwanazi omisiwe wabayalela ukuthi basilahle kuphi isidumbu somsolwa owabulawa.

Related Articles

Back to top button