
Kuvundululwe isidleke sezidakamizwa sezigidi
Morgan Ngwazi
Amaphoyisa avundulule indawo okukhiqizwa kuyo izidakamizwa zenani lezigidigidi zamarandi eMakapanstad, eNorth West.
Akabange esacucucuza amaphoyisa abopha abasolwa abayisithupha kwashaqwa izidakamizwa nemishini okukholakala ukuthi yiyo esetshenziswayo ukukhiqiza.
Ngokusho kokhulumela oKlebe, uColonel Katlego Mogale, uthi lokhu kuqhamuke ngemuva kokuthi abaphenyi behoshe umoya ngomsolwa owabaleka ecaleni elihlobene nezidakamizwa.
Laba balandele umkhondo womsolwa endaweni yaseThulwe, eMakapanstad, lapho bekuqhutshwa khona umkhankaso oyimfihlo.
Kulapho ke amaphoyisa ebambe oqotsheni amadoda ayisithupha aneminyaka ephakathi kuka-44 no-55 ekhiqiza izidakamizwa.
Ubufakazi obanjiwe buhlanganisa inqwaba yamaphilisi, impushana eluhlaza, imishini yokucindezela izidakamizwa, ama-crusher, izikali, nezinto zokupakisha.
Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze ngamacala ahlobene nokukhiqiza izidakamizwa.
Iziphathimandla zithi lesi sigameko siyingxenye yemizamo eqhubekayo yokuhlakaza izidleke ezikhiqiza izidakamizwa kanye nokunqanda ukubhebhetheka kwezidakamizwa eNingizimu Afrika.
Lo msebenzi ugqamisa ukukhathazeka okukhulayo mayelana nezidleke eziyimfihlo ezisebenza ezindaweni ezingamaplazi ukuze kukhiqizwe izidakamizwa nokuyinto umthetho obulokhu ugxile kuyona ezweni lonke.



