Ezokungcebeleka

Uhide lwabaculi bakuleli ‘ababhantintile’

Bahle Mkhize

Umuntu ufunda ngamaphutha kodwa umculi weLikompo, uLehlogonolo Katlego Chauke, odume ngelika Shebeshxt kubonakala sengathi akayazi leyo.

Lol mculi uphuma engena ejele ngenxa yokuhluleka ukuziphatha njengoba enokushaya abalandeli.

Kulesi sigameko sakamuva ulwelwa ukuthola ibheyili enkantolo kaMantshi ePolokwane.

Lo mculi ubevele enkantolo ngoMsombuluko ezozama inhlanhla ngesicelo sokuthola ibheyili ngecala lokudubula umlandeli wakhe emgaqweni wasePolokwane ngo-October.

Umphenyi kuleli cala lokuzama ukubulala utshele inkantolo ukuthi amaphoyisa anolwazi ngelinye icala abhekene nalo elenzeka ngo-2015.

Leli cala kwakungelokuzama ukubulala.

NgoMsombuluko inkantolo ihlehlise le umhla ka-19 January 2026 icala lakhe.

Omana lana ngikuhlebele bathi kushintshile ukudla epletini njengoba kunamahlebezi okuthi usezobuyela mgomhla ka-10 enkantolo.

Abaculi bakuleli asebeke baboshwa bavuka bazithatha bangaphindela emuva kubalwa uLehlogonolo Katlego Chauke, Samthing Soweto, Nathi Mankayi, noJub Jub, Pitch Black nabanye kodwa uShebeshxt kubukela encamala impilo yasejele.

Uboshwa nje lo mculi kunohide lwemicimbi amenywe kuyo kulo December ukuzonandisa.

Related Articles

Back to top button