Izindaba

Kubhadanywe indoda nama-AK47 nezinhlamvu KwaMakhutha 

Bahle Mkhize

Kubhadanywe kwaboshwa indoda eneminyaka engu-49 ubudala KwaMakhutha, eningizimu yeTheku nama-AK47.

Kutholwe nezibhamu ezincane nezinhlamvu.

Lo wesilisa uboshwe ithimba le-Economic Infrastructure Task Team (EITT) ngoLwesibili ebusuku.

ISAPS ngokubambisana namaphoyisa kaMasipala weTheku athole umkhondo ngezingede zawo ukuthi lo wesilisa uhlome uyingovolo.

Amaphoyisa abe asemlalela unyendle atheleka engazelele nebala avuka balezi zikhali ezingekho emthethweni.

Akutholakalanga kuphela lezi zibhamu kodwa kutholwe nezimhlamvu zezibhamu ezahlukene.

Lezi zikhali zizotnathwa ziyohlolwa ukuthi azikaze ziqenze yini amanye amacala ngaphambilini.

Kulindeleke ukuthi umsolwa avele eNkantolo yaseMbumbulu ezinsukwini.

Khonamanjalo, odabeni olungahlobene nolungenhla kuthiwa umshayeli webhasi okushone kuyo amalungu e-EFF angu-10 ubebanjwe isithongwana.

Abasinde engozini eyenzeke ngoMsombuluko, ngaseVryheid, bathi umshayeli webhasi ubebukeka ebanjwe ubuthongo ngesikhathi ibhasi ebithwele amalungu e-EFF ishayisana neloli.

Amalungu e-EFF abebuya emcimbini wokugubha uSuku lweNtsha obuseKing Zwelithini, eMlaza, eThekwini.

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uyena othule inkulumo yosuku kulo mcimbi wangoMsombuluko.

Kule ngozi kulimale inqwaba yabantu, ababili kuthiwa basesimweni esibucayi.

Osinde kule ngozi, uMnuz Lindizwe Zungu, uthe ubesathathe isihlwathi ngesikhathi behlelwa yingozi.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button