
Unqatshelwe ibheyili owokufika kwelokukhwabanisa uR260 million
Banikwe ibheyili i-Lenasia Magistrate’s Court abasebenzi abayishumi bakwa-SASSA abasolwa ngokukhwabanisa imali yesibonelelo engu-R260 million.
Ibheyili abanikwe yona iphakathi kwa-R10 000 kuya ku-R30 000 ngokuhlukana.
Nokho oyedwa wabasolwa wase-Ethiopia, odume ngokuthi ungu-Ebenezer wenqatshelwe ibheyili.
Laba basolwa bayingxenye yenqwaba ehlanganisa abasebenzi bakwa-SASSA abayisi-8 ababoshelwa ukuthinteka kwinkohlakalo.
Kule nkohlakalo ebiyenziwa bekwakhiwa ama-account nama-card ezipoki obekusetshenziswa ukukhipha imali obekumele ngabe iya kubantu abayidinga ngempela.
Uphenyo ngale nkohlakalo lusaqhubeka futhi izikhulu zomthetho sezibike ukuthi kusazoboshwa inqwaba.
Khonamanjalo amaphoyisa aKwaZulu-Natal asebophe ozakwabo abathathu abebesophikweni olulwa nodlale lwamatekisi.

Baboshelwe izinsolo zokukhokhelwa yibo kanye osomatekisi abebelandela amacala wabo.
Kuthiwa amaphoyisa asophikweni i-Serious Corruption Investigation ngaphansi kwe-Directorate for Priority Crime Investigation (DPCI) yiwo abophe ozakwabo ngoLwesithathu, mhlaka-11 emuva kophenyo olunzulu obelwenziwa buthule.
Amaphoyisa aboshiwe kuvele ukuthi ngoMadoda Mduduzi Mhlongo (56), Siyabonga Herbert Mabhida (51) no Prince Ntsikelelo Shezi (50).
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



