Ezokungcebeleka

Kuntwela ezansi kwimbongi yaseNanda 

Jerome Thabethe 

Intokazi esencane uZee Imbongi uthi kuntwela ezansi njengoba esekubona ukukhanya emkhakheni wokuhaya izinkondlo.

UZee okungu Ntumbifuthi Mthiyane ungowukuzalwa eThekwini, eNanda ukhule efunda ezikoleni eziseNtuzuma naKwaMashu.

Uthi ngenxa yokuphokophela ikusasa elincono ube esenza izifundo zobuthisha e- Embury Institute.

Akamanga ngomlenze owodwa ubuye wasungula inkampani ethunga izingubo zeSintu ebizwa ngokuthi Ngiwubuciko Clothing.

Ngenxa yeziphiwo anazo ubuye wangena kweminye imikhakha okubalwa Libo Poet lapho athole khona ikhaya.

UZee ithi kuyilapho abonile khona ukuthi unesiphuwo ube asesungula uLibo Legacy Media, uqale ngokubhala incwadi esihloko sithi Isithunywa Sokuloba.

Ngenxa yokuzithoba kwakhe kube sekuvuleka amathuba amaningi njengoba engene nakwa Love Life enza eminye imisebenzi khona.

“Lapho sasixwayisa ngobungozi bezifo ezithathelanayo, njengengculazi kanye nesifo neTB. Sasihambela izikole ezahlukene nasemphakathini, sixwayisa ngezifo,” usho kanje.

Ukuze ngibe uZee Imbongi, ngiqale ukudlala e-African Heart Beat Festival eyayi KwaMashu eKCAP.

“Lapho kwakukhona osaziwayo abadumile, kubalwa uBabo Ngcobo umculi weGospel no-Andile Mbili”

“Lapho-ke u-Andile Mbili esebonile ikhono lami, wase engicela ukuba ngibe ingxenye, emicimbini eyenziwa uMasipala weTheku”

“Ngase ngiyaqala ukwaziwa, ngaqala eBatcentre, Playhouse, Cato Crest naseMayville”

Uthi ziningi izindondo azitholile ngokuba Imbongi.

UZee wabiye wathola ithuba kuuStar T kwingoma yakhe ethi Zulu omnyama, kuMasikazi esihloko sithi Usizi.

Iziteshi zemisakazo sezike zaba nengxoxo naye ngenxa yekhono nokukhula kwakhe kulo mkhakha.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button