Izindaba

Kuphume izidumbu e-Eastern Cape kuhlasele izikhukhula

Amaphoyisa ase-Eastern Cape aseqinisekise ukuthi bangu 49 abantu asebeshonile ngenxa yesimo sezulu esingesihle.

NoNdunankulu wakulesi sifundazwe, u-Oscar Mabuyane uthe, izidumbu eziningi bazithola eduze kwemifula.

Kunemizi eminingi eseduze kwemifula ikakhulu endaweni yaseMthatha.

“Kuzophoqeleka ukuthi sishaye umthetho ovimba ukwakhiwa kwezindlu eduze nemifula. Iningi labantu lisacushiswe emahholo,” kubeka uMabuyane.

Kuthi akube yisimo esifanayo naseKZN yize kungafanga muntu khona, kodwa lesi simo sishiye kukhalwa isimo nakhona, izolo.

Umoya onamandla udale umonakalo omkhulu ezikoleni ezingu-68, kwalimala abafundi abangu-4 ngesikhathi kuphephuka uphahla lesinye sezikole ezikuMasipala wesiFunda Ugu.

Kuvela ukuthi ingu-80 imizi eceleleke phansi, kwaphazamiseka ingqalasizinda ehambisa ugesi ngenxa yalo moya onamandla.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokubaMbisana neziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe amathimba ezimo eziphuthumayo ngokubambisana nezinye izinhlaka, bayaqhubeka nokubheka umonakalo odalwe isimo sezulu.

“Inani elikhu lezikole ezingu-38 ezicekeleke phansi zingaphansi kukaMasipala Ugu. UMnyango uyaqhubeka ngokubambisana nonkampani i-Eskom ukuqinisekisa ukulungiswa kukagesi emphakathini lapho okulimale khona ingqalasizinda,” usho kanje.

News Avenue

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button