Izindaba

Sebekhuleka kuNkulunkulu ososeshini bamatekisi abalwayo 

Babuyela enkosini bacela kube yiyo exazulula izinkinga zàbo osomatekisi asebelwe isikhathi eside kubangwa umzila.

INancefield Dube Taxi Association (Nanduwe) neWitwatersrand African Taxi Association (WATA) sebebambene ngezihluthu iminyaka eminingi kwafa abantu kwasala izintandane nabafelokazi.

Umbango omkhulu wukuthi ubani okumele asebenzise umzila phakathi kwabo.

Ngokombiko weDaily Sun iWATA ithi isikulungele ukushitsha isimo konke ikubeke kuNkulunkulu.

UNobhala jikelele wale nhlangano uPublic Manzini uthe emuva kokwenza konke okusemandleni wabo ukuxazulula izinkinga babone kuncono ukuthi bacele isisombululo kuNkulunkulu.

“Kumele sikwazi ukuhlala phansi sibinisane, asikwazi ukuhlala sikhombana ngeminwe” kusho uManzini.

Ubuye wahlaba uhulumeni ngokukhipha izimvumo zokusebenza kososeshini ababili emzileni owodwa.

“Uhulumeni ngeke asisize, uyingxenye yezinkinga esibhekene nazo. Ukwazi kanjani ukukhipha izimvumo kososeshini ababili emzileni owodwa”

“Uhulumeni nguye okumele aphendule manje. Abantu bayaqedana. Ithemba lethu manje selikuNkulunkulu. Sifuna ukubamba lemikhuleko njalo”

Uhlangotho lweNanduwe lwalile ukuphawula lwathi belingeyina ingxenye yalowo mkhuleko.

Ngo-April uNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni iGauteng uKedibone Diale-Tlabela wasabisa labo soseshini ukubavala izinyanga eziyisithupha ukuze kuxazululwelezi zinkinga.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button