Ezokungcebeleka

Kubhekwe ngabovu umzwilili uZonke ku-Ugu Jazz Festival

Sihle Mkhize 

Ubuya ngegiya eliphezulu umcimbi wokubuyisa isithunzi nedumela onalo Ugu Jazz Festival.

Kulokhu abahleli bomcimbi bayachichima injabulo njengoba begadla ngomzwilili uZonke okulindeleke ukuthi ashiye abathandi bomculo besafuna impinda.

Lo mcimbi uzobanjelwa ePort Shepstone, ngomhla k-28 June 2025 ku-Ugu Sports & Leisure Centre emuva kweminyala emuhlanu uhoxile.

UZonke usoshiyelana inkundla noproducer ohlonishwayo kuleli uMondli Ngcobo, umqoqi wezindondo u-Ami Faku noDJ Bruce ozobe edlala bukhoma nebhendi kanye no-Olefied Khetha.

Umhleli walo mcimbi uSiyabonga Msomi of Coolsounds Trading says uthe: “Sith4mba ukuthi abathandi bomculo bajabule njenganathi mayelana nokuzalwa kabusha ko-Ugu Jazz Festival”

“Sivuselela kabusha iFestival nezinhlelo zokukhila ngonyaka ozayo. Konke kuzokhanya kahle ngomhlaka-28″

Kuyimanje amathikithi ayadayiswa eTicketpro ngoR150 uwonkewonke bese kuthi izicukuthwane (VIP) ibize uR600.

Amasango azovulwa ngo-17h00 avalwe ngo ngo-03:00 sekuphele umcimbi.

Ugu Jazz Festival uzobe ubambisene ne-Offramp Experience.

I-Offramp Experience ihlanganisa imindeni ngomculo, ezemidlalo, usiko nokunye.

Bazoyivula nge The Ultimate Fishing Competition eMargate ngomhla ka-21 June. Ngalo usuku olufanayo kuzobe kunomqhudelwano webhola iMayor’s Cup khona ku-Ugu Sports & Leisure Centre.

Ngomhla ka-27 iGospel izobe idla lubi njengoba kuzogadlwa ngoXolly Mncwango, Hlengiwe Mhlaba, Sgwili, Malusi Mbokazi Pastor Shongwe, Prophet Msimang noSthabile Manyambose.

“I-Off Ramp Worship Experience iveze leli thuba kumakholwa ukuze axhumane noNkulunlulu ngomculo. Sizobe sikhulekela izifo ezikhona, sincrnhe noNkulunlulu ukuthi ukuthi alishintshe leli zwe kube ngelincono ukuphila kulo,” kuphetha uMsomi.

Amathikithi e-Offramp Worship Experience abiza uR100 eTicketpro.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button