Ezokungcebeleka

Ishaqise noTshatha eyokuphuza utshwala kwaNgizwe Mchunu

Bahle Mkhize 

“Ngiphuze utshwala sengiwakhile umuzi kababa kwaku-2019”

UMengameli wamaBhinca uNgizwe Mchunu uveze lezi zindaba bezijabulele emshadweni lapho bekuganiselana abesebukhosini bakwaNtombela eBabanango nobaseMaQadini, KwaNgcobo eNanda.

Bekusinwa ezinkudleni zezemidlalo oHlange.

UNgizwe unqabe amanzi abebelethelwa wona benoTshatha Ngobe ababesakaza naye kuKhozi FM uhlelo uSgiya Ngengoma.

“Angiwaphuzi amanzi sisi nhlobo. Awuhlele okunye dadewethu. Phela mina ngiyafika, wena waphuza utshwala bami siye phesheya ngiyabufuna manje,” kusho uNgizwe encokola noTshatha.

UMakati azidudla (Tshatha) uthe uNgizwe wayebunyanya kuqala utshwala.

“Ungabenyanyi kanje utshwala. Mina ngafika kuthiwa uNgizwe uphuza utshwala ngala ngathi ngeke khohlwani ukuthi uNgizwe angaphuza utshwala,”

“Ngathi lo muntu sasihlale sixabana sibanga ibhodlela elincane lewayini ebhanoyini”

“Wayeze adube ukuhlala nami athi esihlalweni athi sengidakiwe ayohlala le. Ngithi ngidakwephi engaqondi ukuthi umuntu udakwa uma sekwenzenjani,” kulandisa uTshatha.

UNgizwe ezivekala uthe konke kuyenzeka kodwa yena waphuza eseganiwe.

“Yakha umuzi kayihlo kuqala, mina ngiphuze sengiganwe ngaqeda. Utshwala ngibuqale ngo-2019,” usho kanje.

Khonamanjalo, kugqamile ubudlelwane phakathi kobukhosi bakwaNtombela eBabanango nobaseNdlunkulu kaZulu.

Lokhu kubonakale ngokuhambela kweSilo uMisuzulu Zulu noNdlunkulu wakhe uMaMyeni umshado lo mshado weSintu obuseNanda.

Bekushada uNkz Ntokozo Ntombela noMnuz Nhlakanipho Ngcobo.

UNkz Ntombela uzalwa usomabhizinisi ohlonishwayo esifundazweni iKwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Ntombela.

Kulo mshado, indlunkulu kaZulu itheleke nezindimbane zamabutho eSilo kanti nobakwaNtombela bafike ngothi lwabo.

Phakathi kwezikhulu zikahulumeni ebekade zikhona, kubalwa uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Senzo Mchunu, uNgqongqoshe wezeSayensi uDkt Blade Nzimande, uNdunankulu wakwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, owanguNgqongqoshe wezamasiko namaciko kuleli uMnu Zizi Kodwa, nabanye abaningi.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button