Izindaba

Zizowushaya maduze eNdlunkulu

ASISIDE kangako isikhathi iSilo uMisizulu kaZwelithini sinobudlelwane neNdlovukazi uNomzamo kaMyeni njengoba sekunamahlebezi athi siyagcagcelwa ngoDisemba.

Lo mshado okhulunyelwa phansi kulindeleke ukuba ube esigodlweni kwaKhangela Amankengane ngenya ezayo.

Amanye amalunga aseNdlunkulu awathokozile ngalesi sinqumo seSilo sokuba unkosikazi wokugcina kube uyena ozoshada umshado omkhulu futhi weSintu ekubeni  iNdlovukazi kaMayisela kungenzekanga kuyena.

Ngokombiko weScrolla.Africa iNdlovukazi kaMayisela yenzelwa umkhehlo kuphela yase iyobhala eMnyango wezaseKhaya.

Kulindeleke ukuthi iSilo neNdlovukazi kaMyeni befase ifindo likasofa silahlane ngenyanga ezayo ngomhla ka-29 no-30 Desemba. Kuzoba khona nomshado weSintu lapho umakoti azongena khona esibayeni futhi athulwe ngokusemthethweni emadlozini.

“INdlovukazi kaMyeni imatasatasa ithenga izipho ezozipha amalunga aseNdlunkulu ngelanga loMabo,” kusho umthombo ongaphakathi eNdlunkulu.

Lokhu kuqhamuka emva kokuba iSilo sawaphikisa amahemuhemu okuthi sithandana noLwandle Ngcobo.

UNgcobo wafakela iSilo amehlo abantu emcimbini wokumbulwa kwesichuse seSilo uShaka Zulu owawuse King Shaka International Airport ekuqaleni kwale nyanga.

Izindaba ezimnandi zithi, iNdlovukazi kaMayisela isibuyele esogodlweni kwaNkomonye emva kokushiya ngonyaka odlule ngesikhathi iSilo sesithandana neNdlovukazi kaMyeni.

Okhulumela iSilo uMntwana uSimphiwe Zulu akatholakalanga ukuze aphawule ngalolu daba.

Related Articles

Back to top button