Injabulo kowahlukana neJoyous Celebration wayolingisa
UMCULI wokholo u-Ayanda Shange oseke wabonakala kwiMy Brother’s Keeper edlala kuMzansi Magic 161 ngo-Okthoba, uveze ukuthi ukulingisa ngenye yezinto azithandayo.
“Eqinisweni, akusiyo into engake ngayicabanga ukuyenza, kodwa umkami uKoketso Shange, ubone ithuba, wathi angizame. Ngazama inhlanhla, okunye nokunye kwazenzekela,” kusho u-Ayanda.
“IMy Brother’s Keeper inkulu kakhulu, ngithole ukwesekwa abalandeli base Mzansi. Ngizoqhubeka nokulingisa,” eqhuba u-Ayanda.
Uveze ukuthi unalo ikhono, uqale ukulingisa kulo nyaka. Ekhuluma neDaily Sun uthe umehluko phakathi kokucula nokulingisa wukuthi emculweni udlulisa umyalezo kodwa ekulingiseni umyalezo uwudlulisa ngezenzo.
“Akubanga lula ukushiya kwiJoyous Celebration. Ukusebenza nekhwaya ewina izindondo, kushintshe impilo yami, njengoba bangithola ngilahlekile ngingenathemba. Ngiduduzwa izimfundiso nezibusiso zayo,” kubeka u-Ayanda.
U-Ayanda ube omunye wekhwaya kusukela ku-15 kuya ku-21 bekhipha izingoma ezishisayo. Kubalwa kuzo Ushilo Njalo, Wangilwela, Nguwe Jehova, Sihamba ngoMoya nezinye.
Uthe ikhwaya kohlale kuyikhaya lakhe.
Uphinde wathi kulula ukukwenza kokubili, uziqeqesha kabili ngesonto, alingise mhla ethola umsebenzi.
Uthi uwubufakazi obuphilayo, unothando, umnene aphinde abe nenhlonipho.
“Ukube angiculi noma ngilingise ngabe ngingumdlali webhola,” kusho u-Ayanda.