Ezokungcebeleka

UKhuzani uphume ezimpini zikaMaskandi nge-album entsha

UMCULI kaMaskandi ongaconsi phansi kwabaningi uKhuzani Mpungose uphume ezimpini wajabulisa izitha nge-album entsha esihloko sithi Angidlali Nezingane.

Le album iphume ngoLwesihlanu olwedlule.

Kuzokhumbuleka ukuthi uvame ukugadla kwizimbamgi zakhe ikakhulukazi uMthandeni Manqele.

Ucashunwe kwabezindaba ethi inhloso manje ngomculo wakhe, wukuthi ajabulise abantu abaningi okubalwa nalaba “abebeyizitha zakhe’, ngenxa yezinkulumo ezithile azikhulume eminyakeni edlule emculweni wakhe.

“Izimpi zingithole ngendlela, kangizelanga zona emculweni. Kufanele sikhumbule ukuthi abantu bajatshuliswa yingoma.

Ngakho-ke kubalulekile ukukhumbula inhloso yokungena kwezomculo,” kusho uKhuzani.

Uthe okunye okumvule amehlo wukuthi abathandi bomculo wabo bagcina sebegxila ezingomeni zempi, hhayi ezinomyalezo.

“Uma abantu begxila ezingomeni zodlame, lokho kubeka impilo yabo engcupheni ngoba baklolodelana ngezinto ezisusa uthuthuva. Kangisazifuni izitha, kwalezi enginazo ziningi sengifuna ukuzinciphisa. Konke lokho kuzokwenzeka ngokuthi ngiyijike le nto yokungcofa, ngigxile engomeni nokuzichomela ngemiklomelo engiyizuze ngawo umculo,” kusho yena.

Ukhuzani ukhiphe i-albhamu enezingoma eziwu-19. Kulezi zingoma, kayikho enamagama adicilela phansi isithunzi sezimbangi zakhe emculweni. Engomeni ebilindelwe ngamehlo abomvu ethi “Angidlali Nezingane” kwande kakhulu ukuchoma ngokuhlabana kwakhe kwezomculo nezinto azenzayo ezimenza abesematheni kubathandi bomculo weSintu.

“Ezinye izingoma bengizenza zibe mnandi, kodwa zigqame emuva kwesikhathi eside ngoba abantu baphuthuma ukuyolalela lezi zochuku,” kusho uKhuzani.

Le ngoma ethi “Angidlali Nezingane” isinama-views angaphezulu kuka-1 million kuYouTube kanti ezinye eziningi zinangaphezulu kuka-500 000. Izingoma okubukeka zidla ubhedu, kubalwa kuzona ethi “Imbongolo” nethi “Intshebe Yami”

Ilanga

Related Articles

Back to top button