Ezokungcebeleka

Sekufunwa ongqondongqondo ekubulaweni kwa-AKA

UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi uthi uphenyo lokubulawa kwaKiernan “AKA” Forbes noTebello “Tibz” Motsoane luyaqhubeka.

Ubekhuluma nesiteshi sethelevishini i-eNCA ngoLwesibili.

UMkhwanazi, uthi bafuna ukuthola abantu abangemuva kokubulawa kwalaba ababili.

Abasolwa abayisikhombisa baboshiwe, abathintekayo ekufeni kwababulawa eThekwini kuFlorida Road ngoFebruwari 2023.

Ababili kulaba solwa balinde ukubuyiswa kuleli njengoba beseSwatini, ukuzohlangana nozakwabo.

Inkantolo yase Manzini ivumile ngoLwesihlanu ukuthi babuyele kuleli. Akwaziwa kahle ukuthi bazobuya nini.

Swbevele kaningana enkantolo laba bobabili, kodwa ngenxa yemigomo nemibandela bebagakofiki kuleli.

U-AKA wadutshulwa wabulawa nomngani wakhe uTibz bephuma eWish Restaurant kuFlorida Road ngoFebruwari wonyaka odlule.

Ubaba ka-AKA uTony Forbes wathi kwenye yama interviews, ukubulawa kwendodana yakhe kwakhokhwa eshisiwe imali le.

Ekhuluma kwiPodcast yaHazel Mahazard uForbea wathi indodana yakhe yaqashelwa izinkabi.

“Angikwazi ukunaba kakhulu ngecala, kodwa ngisho lokho okuvezwayo kuphela ngoba kusaphenywa kabanzi,” kusho uForbes.

Related Articles

Back to top button