Bahlela ukuqeda ngama mafia kwezokwakha
Musa Mkhize
IZOBA umlando indaba yama-mafia afuma iphesenti ngo ‘dli’ kwizinkontileka ezihlukene eNingizimu Afrika.
Kuzokhumbuleka ukuthi ezinyangeni ezimbalwa ezedlule umphathi wenkampani eyakhayo iStefanutt Stock, uMatthew Horwill wasinda ngokulambisa ehlaselwa ngezibhamu e-Pinetown, entshonalanga yeTheku.
Indoda eyayihlome izingovolo yayimcuthele u-Horwill ngaphandle emahhovisi akomkhulu ale nkampani ezinze ku-Henwood Road.
Lokhu kudalulwe ngesikhathi kunengqungquthela i-National Construction Summit eqale ngoLwesibili eThekwini. Izethameli zale ngqungquthela zifuna ukuthola isixazululo sokuqeda ngama-mafia kule ndima yezokwakha.
“I-Gauteng, Cape Town kanye nekwaZulu-Natal izona izindawo eziyisizinda somnotho wezwe. Akumele lezi zindawo ziphathwe yilama mafia. Kubo bonke laba abafuna ukubhekana ngeziqu zamehlo namaPhoyisa ngesikhathi enza umsebenzi wawo, sibafisela inhlanhla ngoba amaphoyisa angeke abhekane nezigebengu ephethe izimbali,” kusho uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu.
“AmaPhoyisa amatasatasa enza uphenyo kodwa afuna ukubamba ofishi abakhulu okuyibona imbangela yobugebengu,” kuchaza uMchunu.
UNgqongqoshe wezemiSebenzi uDean McPherson uthe uHulumeni ayikho into azoyikhuluma nezigebengu.
“Sekwanele manje futhi sesikhathele ilobu gebengu. Sifuna ukwakhela abantu imigwaqo, amadamu, izikole, izibhedlela nezinye izinto okudingwa umphakathi. Lento yokuthi kumele sicabange indaba yama-mafia kungathi kuzomele iphele manje,” kunaba uMcPherson.
Le ngqungquthela ihlanganise ndawonye oNgqongqoshe, abahloniswa abaqhamuka ezifundazweni ezihlukene kanye nosolwazi emkhakheni wezokwakha.