Ezokungcebeleka

Ziyaqonga izinkinga zeMalaika yodumo lwe-2Bob

IBUKEKA isekude iphele ingxabano phakathi kwamalungu ebhendi ye-Afro Pop iMalaika uTshedi Moholo noBongani Nchang.

Leli qembu eladuma ngamanoni afana nathi Destiney, Mhla Uphel’amandla, 2Bob namanye, lashaqisa abaningi ngesikhathi limemezela ukuthi liyehlukana ngo 2015.

Lathi lifuna ukugxila ezintweni zangasese ezahlukene.

Kwaba nokujabula ngesikhathi sekuphinde kuvela ukuthi iMalaika endala izobonakala futhi inandisa.

Kodwa kusanda kuvela ukuthi uTshedi akaneme ngokuthi uBongani usethole intokazi uTsoakae Molipa ecula njengaye.

Uthi okumdinayo uBongani akakaze amtshele ngalesi sinqumo.

UBongani uvele wagadla ngokuthi akhiphe isitatimende esenziwa uTshedi ngo-2021 lapho ecashunwa khona ethi uyamnika uzakwabo igunya lokupika noma ubani.

Kuthiwa lo mculi kwakusekumume emphinjeni okwenziwa uBongani emakhoneni.

UBongani uthe uzakwabo udlala ngaye.

Uthi akekho angakuzamanga ukuthi baxolelane njengoba axhumana nozakwabo emculweni nezinkampani zokuqopha ezinkulu kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

“Cishe wonke umuntu wayesifisela ukuthi sibuyelane njengoba abanye baze basigabisela ngemali econsisa amathe befuna sibuyele estudio kodwa uTshedi washaya phansi ngonyawo. Ngokwami bengingafuni ukuthi kuphele ngeMalaika ngoba yakhiwa kanzima,” kusho uBongani.

UTshedi eziphendulela uthe. “Into engiphatha kabuhlungu ukuthintwa abalandeli bami bengitshela ukuthi bazwile ukuthi benginandisa ndawana thize kanti akumina. Okungiphatha kabi futhi ukuthi lo mculi othathe indawo yami akabenzi ubulungiswa ngezingoma zeMalaika. Akekho ezingeni lami,”

Related Articles

Back to top button