
Zimkhalele esekubhaceni uPutin obefunwa uthuli
Bahle Mkhize
ZIMKHALELE eGoli, eMidrand, ngoLwesibili ntambama uLinda Hlongwa obedume ngoMjinja noma uPutin obefunelwa amacala okudubula abulale intombi (23) nonina (52) ePinetown ngoMarch kulo nyaka.
Abagilwa babulawela ekhaya labo emgwaqweni Income, eNazereth, ngomhla ka-18 ngenyanga edlule.
UPutin ubesebalekile njengoba ubenoxhaxha lwamacala okuhlanganisa ukufuna imali ngo ‘dli’ komalume abathutha izingane zesikole, abanikazi bezipaza nabamakhumbi ePinetown namaphethelo.
Ubanjwa nje ubesebalekele ingalo yomthetho wangavela eNkantolo kusukela ngoJuly 2020 nalapho wayebhekene necala lokutholakala nesibhamu esingelho emthethweni nezinhlamvu.
Ukuze abanjwe kuxhumane amaphoyisa aKwaZulu-Natal abambisana nawase Gauteng njengoba ebanjwe eMidrand.
Amaphoyisa aseKZN ayabonga ayanconcoza ngamalunga omphakathi obasize ngolwazi oluhelele ekuboshweni kwaPutin.
Kube sekucelwa bonke asebake baba yizisulu zalo msolwa ukuthi beze ngaphambili bazobika amacala ukuze kwenzeke ubulungiswa.
Khonamanjalo, basale enkundleni abasolwa abathathu bedudulana ngenganono namaphoyisa.
Kulesi sigameko amaphoyisa amabili athole imihuzuko ngesikhathi egudlwa yizinhlamvu zesibhamu ekhanda.
Laba basolwa bahlanganisa nokubulawa komseshi woKlebe okwenzeka ngoJanuary wangonyaka owedlule nokubanjwa kwezimoto zemali zemali eminyakeni eyedlule.
Ngesikhathi libulawa leli phoyisa labe liphumele isigameko sokudunwa kwemoto yemali eMtubatuba.
Esigamekweni saseReservoir Hills, ithimba elibhekela ezeziqhumane libizwe ukuba lizokhipha izinto ezithile eziyingozi emotweni, okubalwa kuzo ne-grenade kwatholakala nezibhamu ezimbili.