
Uyagonyuluka owayengumphathi kuKhozi FM
UKHIPHE ingonyuluka owayengumphathi wezinhlelo kuKhozi FM uZandile Tembe mayelana nokungavuselelwa kwenkontileka yakhe.
UTembe waqashwa ngo-2008 waphelelwa yitoho ngoSeptember 2021, kanti kusolwa uSbongi Ngcobo owayengumphathi siteshi ukuthi wamnyundela kwizikhulu.
Uthi ubudlelwane bakhe noNgcobo babumuncu ngendlela eyisimanga
“Inkontileka yami ayivuselelwangwa futhi ngase ngikubonile lokho. Akufihliwe ukuthi isimo sase simanzonzo ngasekupheleni kohambo lwami. Angisazi isizathu esadala lokho kodwa ngiyazi ukuthi akuhlanganisi lutho mayelana nomsebenzi wami,” usho kanje kwiPodcast Radio & Stuff.
UTembe uthi kwakubublungu kunkenketha ukushiya kulesi sikhondlakhondla somsakazo.
“Mina noSbongi asisebenzanga neze kahle naye. Bese ngimaze isikhathi eside sinabangani ababodwa sihamba nezindawo ezifanayo. Sake sasebenza ndawonye kwiTru FM yingakho ngihluleka ukuqonda ukuthi kungani sahluleka ukubambisana uma sesiku Khozi. Ngagcina ngikwamukela njengoba kunjalo,” kubalisa uTembe.
Le ntokazi iphinde yaveza ukuthi akusiye yedwa uSbongi Ngcobo owayenza impilo yakhe ibe nzima kuKhozi FM.
Uthi kuyichilo ukuthi ngesikhathi kwenzeka konke lokhu kukhona abebekwazi kodwa bambalwa abangenelela.
“UNgcobo wayemuhle emsebenzini wakhe nami ngisebenza ngokuzikhandla futhi kwakunethuba lokubeka uKhozi kwelinye izinga. Ngiyadumala ngoba sahluleka ukwenza lokho, lezi zinto ziyenzeka,” usho kanje.
UNgcobo wesule kulo msakazo ngoNovember ngonyaka odlule. Wayeqashwe uKhozi ngo-2018.